SEBEHLALELE ovalweni abantu bokufika abakuleli ngemuva kokusabalala kwemiyalezo ebika ukuthi bahamba phambili emkhankasweni wokuthumba nokubulala abantu besifazane ngenhloso yokubadayisa nokubabulala babacwiye izicubu ukuze bazidayise.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi bakhokhelwa u-R350 000 uma belethe abantu abangu-10 kulabo ababadingayo.
Kulezi zinsuku ezinkundleni zokuxhumana kuxhaphake imiyalezo nama-video okungaqinisekisiwe aveza abantu bethunjwa, abanye bakhiphe uhlobo lwezimoto ezithatha abantu nobuso babantu abasolwayo imbala. Lokhu kuqale emasontweni amabili edlule ngemuva kokubikwa kulandelana kwezigameko zokubulawa kwabantu besifazane ikakhulukazi eGoli.
Okhulumela inhlangano yabantu baseNigeria abahlala kuleli, iNigerian Union South Africa, uMnuz Collins Emeka, uthe bayakugxeka ukusatshalaliswa kwale miyalezo ngoba kuzodala udungunyane olubhekiswe kwabokufika.
“Nginxusa uhulumeni wakuleli ukuthi alusukumele lolu daba ngoba uma ungenzi njalo lukhulu luyeza. Le nto iqala kancane igcine isiyinto enkulu okungeke isalawuleka. Ayisiphethe kahle neze le nto, kubukeka sengathi kunabantu abafuna ukususa uthuthuva ngamabomu. Asazi ukuthi inhloso yabo yini. Okubi ukuthi kusatshalaliswa nezithombe zezimoto zabantu, kuvezwe ngisho nezinombolo zazo,” kusho * -Emeka.
Uthe phambilini bake bazama ukuwukhuza lo mhlola kodwa batshelwa ukuthi inkinga azilawuleki izinkundla zokuxhumana, abantu bafaka noma yini abayithandayo.
UMnuz Denis Cebweru ongumholi weKwaZulu-Natal Congolese Community, uthe le miyalezo isidale ukuthi bahambe bejeqeza.
“Laba bantu badlala ngento embi, esiphethe kabi sonke. Abantu abayeke ukukholwa yinoma yini abayibona ezinkundleni zokuxhumana. Okungcono abaqale beqinisekise namaphoyisa. Angisho ukuthi abantu bokufika bayizingelosi kodwa baningi abenza umsebenzi omuhle. Kubi ukuthi baboshwe ngebhande elilodwa. Kusithathe isikhathi eside ukulwa nokuhlaselwa kwabafowethu nodadewethu, ngakho asidingi ukuthi kuqalwe phansi,” kuqhuba uCebweru.
Omunye onengekile ngokusabalala kwale miyalezo ngumqondisi wenhlangano engamele abalahlekile iPink Ladies, uNkk Dessie Rechner obuze ukuthi ngabe alanele uvalo nokwesaba okukhungethe abesifazane nonina bezingane.
“Amaphaphu avele aphezulu kubantu besifazane nonina bezingane zamantombazane njengoba kunemibiko evela emaphoyiseni ngabesifazane ababulewe ngesihluku ikakhulukazi eGoli.
“Asikho-ke isidingo sokuthusa wonke umuntu wesifazane okhona nonina bezingane. Ukuhamba ufafaza izindaba ezingaqinisekisiwe ngamaphoyisa noma izinhlangano ezithile ezibhekele lolo daba, kuwubudedengu nokungabacabangeli abanye abantu,” kusho uNkk Rechner.
Uthe ngonyaka odlule kunosomabhizinisi waseKapa owacishe wabulawa ngabantu ngemuva kokusatshalaliswa kwesithombe sakhe eshayela ikhumbi asebenza ngayo, kwathiwa ithumba izingane zesikole.
NgoLwesibili Isolezwe libike ngokukhathazeka kukaNkk Sithembile Madida waseGlenvista, eGoli odukelwe yindodakazi yakhe uThando Madida (19) ongumfundi waseNyuvesi iWits.
UNkk Madida uzwakalise ukudumala ngokusatshalaliswa kwamanga ngokunyamalala kwendodakazi yakhe njengoba ethe kukhona abathi itholwe isibulewe kepha yena esanethemba lokuthi izotholakala.
Okhulumela amaphoyisa eThekwini uCaptain Khephu Ndlovu, uthe bazwile ngale miyalezo kodwa awekho amacala avuliwe.