LITHUKA izanya ikhansela lakwaFelekisi, ngaseLovu elithole incwadi enezinsongo zokuthi lizobulawa uma liqhubeka nokuqasha abantu balo.
UMnuz Menzi Manqele kuthiwa uthole incwadi enamakhasi amane ebinikezwe unogada obegade edamini okudonswa kulo amanzi aphakelwa umphakathi elikule ndawo entathakusa, ngoMsombuloku.
Lo nogada kuthiwa uthuke sekuthushuka amadoda amabili abegqoke izigqoko ezivale ubuso, afike amtshela ukuthi akenze isiqiniseko sokuthi ikhansela liyayithola le ncwadi. Kuthiwa anezele ngokuthi alitshele ikhansela ukuthi kuzochitheka igazi uma lingalulungisi uhlelo lokuqashwa kwabantu abasebenza ohlelweni lokushintshwa kwamapayipi oluqhubekayo kule ndawo.
Kule ncwadi ebhalwe ukuthi iyisixwayiso Isolezwe elinayo ikhophi yalo kuthiwa: “Sikhathele manje ukudlala nina, sifuna ukwazi ukuthi kanti kuqashwa kanjani lapho ngoba kade salinda ukuqashwa, sesiyabona ukuthi umsebenzi usuyaphela, yingakho siwumisa.”
Umthombo waleli phephandaba osondelene nekhansela uthe uManqele sekunesikhathi ethola izingcingo kubantu angabazi bemtshela ukuthi bakhokhelwe ukuthi baqede ngaye. “Kusukela ngoDisemba bekunezingcingo kubantu abathi bayizinkabi ezithengiwe kuthiwa abambulale kodwa bangakuyeka lokhu uma yena engakhokha imali engaphezulu kwaleyo abanikwe yona. Ubevele aluvale ucingo ngoba ecabanga ukuthi yizigebengu ezizama ukumwaka. Kuthe uma sekufika le ncwadi wabona ukuthi sengathi lukhulu luyeza,” kusho lo mthombo.
UManqele kuthiwa useyesaba ukusebenzela ehhovisi lakhe, uma ezoba nomhlangano womphakathi ucela amaphoyisa ukuthi azomgada. Imoto kuthiwa akasahambi ngayo ngoba esaba ukusocongwa ekuyo ngoba iyaziwa.
Ethintwa ngalolu daba uvumile ukuthi kunencwadi ayitholile enezinsongo kodwa wathi ngeke aphawule kakhulu ngoba uselubike emaphoyiseni udaba ukuze kube yiwo aluphenyayo.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCol Thembeka Mbele, uthe angakuqinisekisa ukuthi owesilisa onemiyaka ewu-41 uvule icala lokusatshiswa esiteshini samaphoyisa, KwaMakhutha, ngemuva kokuthola incwadi enezinsongo ngoMsombuluko kodwa kusaphenywa akukaboshwa muntu.
UNobhala we-ANC esifundeni saseThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe lolu daba lubikiwe kuye kodwa bona babona sengathi wubugebengu, akuhlangene nepolitiki. USomlomo kuMasipala weTheku uMnuz William Mapena okuthiwa naye ubikelwe ngalolu daba akatholakalanga kuthiwa uphesheya.
Okhulumela uMnyango wokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe lolu daba belungakafinyeleli kubo
kodwa bayajabula ngoba lubikiwe
emaphoyiseni.