IMEYA yaKwaDukuza, uRicardo Mthembu, iphonsele amaciko inselelo yokuthi azibhalele wona umlando omuhle ngawo ukuze ungabhalwa abanye abantu abangawuhlanekezela.
UMthembu ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo yomdidiyeli womculo uBongani “Sir Bubzin” Cele (37) ebusetendeni ezinkundleni zemidlalo eMemory, KwaDukuza, izolo.
“Uma usubhalwe kabi siyakhala sithi benze iphutha. Sakhula uShaka kuthiwa uhlinza abakhulelwe. Kumele sibhale thina ngamaqhawe ethu. Kumele nibhale incwadi ngempilo enhle ephilwe uBubzin,” kusho uMthembu.
Lo mculi uvaleliswe ngengoma njengoba bekusina kudedelana abaculi abahlukene esiteji. Phakathi kwabebecula kubalwa umculi ocula owokholo uMalusi Mbokazi noMondli Ngcobo.
Uhlelo beluphethwe nguMhlonishwa Langa noSifiso Nala.
Amaciko ahlukene abethamele inkonzo agcwale esiteji adansa sekudlalwa izingoma uSir Bubzin azididiyela. Phakathi kwazo kukhona i-I Won’t Let You Go eculwa uJoocy, Inazo neNcwadi Yothando zeBig Nuz nezinye.
Amaciko abekhona nguT’zozo, DJ Bongz, Kotin, Masiya, Fisherman, Beezory, Benzy, Wonder, Manjaro, umlingisi uMbaliyesizwe Ngiba, Sox, Sparks Bantwana nabanye.
Izikhulumi zichaze uBubzin njengomuntu obewuthanda umsebenzi wakhe, ehlonipha futhi enenhliziyo enhle.
UBubzin ushone esibhedlela iKing Edward emasontweni amabili edlule ephethwe wumdlavuza wegazi.
Ushiye emhlabeni unina uNksz Cynthia Cele, udadewabo, abafowabo abathathu nezingane zakhe ezintathu indodakazi u-Avele namadodana uNkanyezi noCulolethu. Ufihlwe emathuneni asekhaya eMemory.