KUSUKE inkombankombane phakathi kweMeya kuMasipala Umzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, nosomabhizinisi waseMsinga osolwa ngokuvalela umphakathi amanzi ekhala ngokungakhokhelwa, okuthiwa sekuyophela inyanga engabonwa endaweni.
Abantu kule ndawo kuthiwa sebethembele emanzini abagcina ngokuwakhongozela emvuleni, kulabo abangenawo amandla okuwathenga ezitolo. Kule ndawo kunesibhedlela i-Church of Scotland naso okuthiwa sikhahlamezekile njengoba amanzi engekho.
Isolezwe lithinta uNgubane, uvumile ukuthi amanzi awekho endaweni, wathi bathole ukuthi avalwe usonkontileka wenkampani i-FDM Construction enikezwe umsebenzi wokuhambisela umphakathi amanzi ngamaloli, uMnuz Simanga Mabaso, emva kokuthi ekhale ngokungakhokhelwa emva kokuthi emisiwe.
“Ngiye kule ndawo ngesonto eledlule emva kokuthola izikhalo ngokungaphumi kwamanzi. Sithole ukuthi esinye isiphehlimanzi sethu sivalwe nguMabaso okuthiwa uxoshe onogada bakamasipala wafaka abakhe, wavala ngokwakhe kule ndawo yokusebenzela. Lesi senzo sibeke engcupheni abasebenzi ngoba akuvunyelwe umuntu ongasiye umsebenzi angene lapha aphinde akhiphe abasebenzi, kanti nempilo nje yabantu baseMsinga uyibeke engcupheni ngoba amanzi yinto ebalulekile. Ngithe abamvulele icala ngalesi senzo, ngenxa yokuthi bengingaphandle kwesifundazwe, ngizozwa ngoLwesibili ukuthi kuqhubekani ngalolu daba,” usho kanje.
Ebuzwa ngemali ekweletwa lo somabhizinisi, unqabile ukuphawula wathi udaba lokumiswa kwakhe nenkontileka ethinta ukukhokhelana, kusingethwe yihhovisi leMenenja kuMasipala, yena akangene. Imizamo yokuthola imenenja kumasipala ayiphumelelanga, ucingo lwayo belukhala lungabanjwa nemibuzo athunyelelwe yona ayiphendulwanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kuthintwa uMabaso, ukuvumile ukuthi phambilini sikhona isiphehlimanzi asivalile nokuyindlela abezama ukuveza ngayo ilaka lakhe, njengoba umasipala umkweleta u-R700 000 ongakhokhiwe osekuphele izinyanga. Uthe ubuye wavula ngoMsombuluko odlule emva kokuvumelana ngokuthi uzokhokhelwa lingakapheli leli sonto. Yize esho kanje uMabaso nanamuhla amanzi awekho. Ngokusho kwakhe lokhu sekudalwa ukuthi eminye imishini kulesi siphehlimanzi ifile kwazise umasipala ukweleta omunye usonkontileka imali yokulungisa lemishini.
“Okokuqala; angikuveze ukuthi angixoshwanga wumasipala kodwa ngixoshwa uNgubane. Ungixoshe emva komcimbi weqembu i-MK (Party) esengiyilungu layo, obesezinkundleni zezemidlalo (eMphelankani), ngoMashi 20, okuthe emva kwawo ngaziswa ukuthi amaloli ami awasadingeki. Ngilindile-ke ukuthi ngokuphela kukaMashi njengoba sengixoshiwe ngizokhokhelwa imali engikweletwa yona, kodwa lutho. Kwaphela u-Ephreli ngangakhokhelwa ngagcina ngibona ukuthi indlela engingakwazi ukubhikisha ngayo ukuze ngithole okungokwami ukuvala isiphehlimanzi kodwa sengisivulile kodwa amanzi awaphumi ngoba sifile,” usho kanje.
UMabaso uthe uvala nje isiphehlimanzi bese kuvele kunesikhathi eside singasebenzi ngenxa yokufa kwaso, kanti naye inkinga yamanzi yinto emlimaze kakhulu njengoba enamabhizinisi ehlukene kuleya ndawo. Uveze ukuthi Umsinga wonke amanzi awekho kubalwa nasezikhungweni zikahulumeni ezisiza umphakathi, wathi kunamahlebezi okuthi ngoLwesine kungase kube nokhukhulengoqo wesiteleka lapho abantu bezobhikishela amanzi osekunesikhathi eside bawagcina.
Okhulumela uMnyango wezoBusa ngokuBambisana uMnuz Siboniso Mngadi, uthe umsebenzi wamanzi unikezwe umasipala omkhulu okuyiwona onelungelo lokuxazulula izinkinga zamanzi.
“Umasipala nosomabhizinisi kumele bahlale phansi baxoxe ukuthi lolu daba baluxazulula kanjani kungaze kugcine sekuhlukumezeka abantu abangenacala abasuke belindele ukuhlinzekwa ngezidingo,” kusho uMngadi