UMNDENI womfundi owamuka kunezikhukhula nedlanzana lamalungu omphakathi, uwavale ngengidi amasango angenela esikhungweni samakhaza kahulumeni esisePhoenix ufuna kukhululwe isidumbu ukuze usingcwabe.
Kuthiwa isidumbu sesiduve amasonto amahlanu kulindwe imiphumela yolibofuzo.
UNolusapho Mhlongo (17) waseMzinyathi, eNanda, obefunda uGrade 10 eDabeka High, wamuka ezama ukuwela umfula emva kokuphuma kwesikole ngo-Ephreli 11, nonyaka. Isidumbu sakhe satholwa emva kwamasonto amabili sesonakele.
Ekhuluma neSolezwe,uninomncane kamufi uNksz Dumisile Mhlongo, uthe banqume ukuvala amakhaza ngoba sekuphele amasonto bengatholi mpendulo ngokuqhubekayo futhi befuna ukunikezwa ingane yabo ukuze bazingcwabele.
“Sasitshelwe ukuthi imiphumela yolibofuzo izothatha kuphela amasonto amabili kodwa sekuyophela amasonto amahlanu futhi akekho osazisayo ngokuqhubekayo. Nomseshi wecala akasalubambi ucingo ukusazisa, sitshelwa ukuthi usahlabe ikhefu.
“Zinkulu izindleko esesingene kuzona siwumndeni. Njalo uma sicabanga ukuthi ingane yethu ayibekiwe endlini yayo, kuvele kuvuke iminjunju buqale phansi ubuhlungu. Ngakho sesifisa ukuphola kulesi simo sidlule,” kusho uNksz Mhlongo.
Uthe bazamile ukuxhumana nabamakhaza, baziswa ukuthi ulibofuzo selwenziwe, sekumele kuxhunywane nemenenja, okuthe uma bezama ukuyithola kwathiwa nayo isahlabe ikhefu kodwa okhona obhekelele umsebenzi, uthe yimenenja egunyaza ukudedelwa kwesidumbu okuyinto ebacasulile, banquma ukuqhinqa esangweni.
Isolezwe lifika, bekulenga ingidi enkulu okuthiwa ifakwe ngamalungu omndeni, emi eceleni kwesango okuholele ekutheni izimoto zime ujenge. Abantu abebeye emakhazeni ukuzolungisa imininingwane yamalungu abo agcinwe emakhazeni, bebengakwazi ukungena nokuphuma.
Kubizwe amaphoyisa, afike agqekeza ingidi kodwa amalungu alo mndeni nomphakathi basuka ngaphandle kokubanga umsindo, bahlala phakathi komgwaqo ongenela kulesi sikhungo.
Yize bekunokuphazamiseka kwabanye, bedinwe wukungakwazi ukwenza abebekuzele ngenxa yalesi senzo, amanye amalungu omphakathi abekhona abezwelana nomndeni.
Omunye umndeni obufike kulawa makhaza ukuzolanda ilungu lawo obekumele lihanjiswe e-Eastern Cape, uthe uzobekezela ngoba nabakhalazayo siyezwakala isikhalo sabo.
“Sifike ekuseni besithi liyothi lishona sibe singena e-Eastern Cape. Kubuhlungu ngoba sekumele silinde into esingayazi. Yize kunjalo, kubuhlungu ukuthi umndeni awunikeziwe ingane yawo ukuze nawo ungcwabe kudlule,” kusho ilungu lomunye umndeni.
Ziningi izikhalo ngokugqoza kohlelo lokwenziwa kolibofuzo okugcina sekuhlalisa imindeni emakhandleleni isikhathi eside. Phambilini, bekuvele kwabezindaba ukuthi isikhungo okuhlolwa kuso amasampula olibofuzo esisePitoli, sibe nezinkinga zokusilela emuva nokwenza kungasheshi ukudedelwa kwezidumbu ezingeniswe emakhazeni sezonakele noma zilimele ngendlela yokuthi zingakwazi ukuhlonzwa.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe: "Siyazwelana nayo yonke imindeni eshonelwe ngabathandiweyo ngenxa yezikhukhula. Ukwenziwa kolibofuzo kuwumsebenzi obucayi, ongelula, nodinga ukwenziwa ngokukhulu ukucophelela. Lo msebenzi awubandakanyi kuphela uMnyango wezeMpilo - okuyiwo ogcina imizimba - kepha kufaka amaphoyisa nezinye izinhlaka, esibala kuzo isikhungo esenza ulibofuzo.
Nakuba sikhona isicelo sokuba umzimba uhlolwe ngabazimele, lokhu kuzokwenzeka kuphela uma kuvuma abomthetho. Siyacela ukuba bonke abathinteka kulesi simo babekezele.