OWAYENGUMVIKELI womphakathi uSolwazi Thuli Madonsela uzohlonishwa ngeziqu eziphezulu kunazo zonke emkhakheni wezomthetho iDegree of Doctor of Laws honoris Causa e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
Ngokusho kwe-UKZN, uSolwazi Madonsela uzohlonishwa ngaleziqu ngenxa yeqhaza elibalulekile alidlalile ekuthuthukiseni imiphakathi.
UMadonsela unguMmeli eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika kanti waziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe abewenza njengoMvikeli woMphakathi waseNingizimu Afrika. Uzokwethweswa leziqu e-UKZN College of Law and Management Studies emcimbini wasentwasahlobo ozoba ngoLwesine.
UMadonsela ungummeli noSolwazi wezomthetho, kanti wayeyingxenye yababebhala umthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Washayelwa ihlombe ngombiko wakhe othinta ukusetshenziswa kuka-R246 million ngokungemthetho kuthuthukiswa umuzi wowayenguMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma oseNkandla.
Le nyuvesi izokwethwesa iziqu abantu abangu-1977, u-60% wabo okungabesifazane. Abafundi abathathu baphothule izifundo zabo nge- summa cum laude kanti abangu-30 baziphothule nge-cum laude. Sebebonke bangu-1007 abenza i-undergraduate, babe ngu-970 abenza ipostgraduate. Bangu-555 abenza imasters kant bangu-234 abenza iziqu zobudokotela, abangu-186 kungabafundi baphesheya.
Zingu-875 iziqu ezizothweswa eCollege of Humanities, zibe ngu-584 ezizothweswa eLaw and Management Studies, ezingu-315 zizokwethweswa eColege of Agriculture, Engineering and Science, ezingu-203 zethweswa eCollege of Health Sciences.