OWAYENGUMVIKELI womphakathi, uThuli Madonsela, usexwayise abantu baseNingizimu Afrika ngokuthi bangavoteli osopolitiki abakhohlakele ngoMeyi 29, 2024.
UMadonsela usho lokhu ngesikhathi enengxoxo nabezindaba lapho aveze ukuthi owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma uzoliwisa izwe uma engabuyela ehhovisi elikhulu kuleli.
Le ntokazi isole uZuma ngokuwisa umnotho wezwe ukuze kuzuze umndeni wakhe kanjalo nomndeni wakwaGupta.
“Abantu baseNingizimu Afrika kumele bakhumbule ukuthi nguZuma ongalaleli inkantolo, ngemuva kokweba nokushintsha izinto kuleli ukuze kuzuze umndeni wakhe nabakwaGupta. Kusobala ukuthi ufuna ukubuya futhi aqede lapho egcine khona.”
Ubuye wasola uZuma ngokuntshontsha amagugu oMkhonto weSizwe.
“Kuyaxaka futhi kuphambene nokuziphatha kuMnuz Jacob Zuma owake waba kuKhongolose ukuze antshontshe amagugu oMkhonto WeSizwe. I-MK akukaze ibe ngeyomuntu."
PROF THULI MADONSELA
— Constitution First 🇿![CDATA[]]>🇦 (@Constitution_94) April 14, 2024
It is bizarre and ethically wrong for Jacob Zuma who was once in the ANC to steal the UMkhonto WeSizwe heritage to himself.
MK has never belonged to an individual
It's shocking that the Electoral Court has told us that Zuma's sentence which came from a… pic.twitter.com/psMQbruJYE
Inkulumo kaMadonsela, icasule abaningi abaveze ukuthi akakwazi ukuthi aphawule ngomuntu oyedwa ebe ehlaziya isimo sezwe njengoba kuyiwa okhethweni. Kungani angephawuli ngezinye izinto ezithinta inkohlakalo nabanye abaholi bezombusazwe.
wellington @greatzimbabw: “Ukuhlaziya kwakhe akulungile, kuyangqubuzana futhi kusekelwe ubudlelwane bakhe obusontekile noZuma. Kungani ukhethe igama likaZuma? Yenza iphuzu lakho ungqikithi nesimiso, hhayi ukucacisa. Ubachaza kanjani osopolitiki abakhohlakele ngaphandle kokubheka amajaji akhohlakele nokugcinwa komthetho?”
Vimlesh Rajbansi @VimleshRajbansi: “USolwazi Thuli kumele asinikeze wonke amaqiniso ngoba sekunemibiko yakamuva evela kongoti abangahlangene noMnuz Jacob Zuma, yokuthi isakhiwo esisha senuzi ku-IRP 2011 asikaze sibe nenkohlakalo. Eqinisweni, ukweseka kwakhe uCyril ekhankasela ama-IPP abizayo ku-IRP 2019, okwasifaka ogibeni lwezinkinga zikagesi okwalahlekisela izwe cishe izigidigidi ezi-3 zamaRandi.”
Son of the soil 🇿🇦 @nbchiliza: “Inkinga yami ngosomathuba abafana noThuli wukuthi bakhonza ophikweni oluthile. Bathola imali eshisiwe ohlelweni lokuhlanekezela umzabalazo wethu wenkululeko. Ukugwamandwa kombuso nokukhashelwa komzabalazo akuzange kuqale noma kuphele ngoZuma. Sidukisiwe!”