UDEDELWE ngebheyili kaR1 000 umfundisi (52) waseMkhazini, KwaMakhutha, osolwa ngokudlwengula umzukulu (10) wakhe.
Lo mfundisi igama lakhe eligciniwe ukuvikela umzukulu wakhe uvele eNkantolo yeMantshi yaseNsimbini ngoMsombuluko ngecala lokudlwengula. Kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ekupheleni kwenyanga.
Kusolakala ukuthi wadlwengula le ngane kathathu ngezinsuku ezahlukene eyidlwengulela ekhaya lapho ehlala khona.
Umamkhulu wengane ongeke adalulwe uthe bathole ngokudlwengulwa kwayo emasontweni amabili adlule.
Uthe umgilwa utshele enye ingane afunda nayo ngokudlwengulwa kwakhe, leyo ngane yatshela unina.
“Unina ongumakhelwane wethu ufikile wasibikela ngokwenzekile nathi sayibuza ingane yasho yonke into,” kusho umamkhulu kamgilwa.
Uthe bathole enganeni ukuthi kuze kwayikathathu idlwengulwa ngumfundisi ongumkhulu wayo.
Umamkhulu wengane uthe lo mlisa ongumfundisi eWaterloo unomuzi eduze kwalapho behlala khona kodwa ubegeza endlini abahlala kuyo futhi kujwayelekile ukuthi abekhona njengoba ayevele ehlala khona ngaphambi kokuthi ahlale nomkakhe.
Uthe ingane ithe uke wayidlwengulela ethoyilethi, wayidlwengula ngolunye usuku kungekho muntu ekhaya, wayidlwengula nangolunye usuku enza sengathi udlala nayo endlini amanye amalungu omndeni ewasha emnyango.
UNksz Sibongile Ngcobo wenhlangano elwela amalungelo ezingane, i-Operation Bobbi Bear, unxuse abantu ukuthi basebenzisane ukuvikela izingane. Utuse umakhelwane wengane ngokuthi athi uma ezwa ngokwenzeke kuyona wabikela umndeni wayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi umfundisi ubhekene necala lokudlwengula. Uthe bebengakakabi nayo imininingwane yokuthi ubuyela nini enkantolo.