NONTUTHUKO NGUBANE
UHLUKENE phakathi umndeni wentombazane eshaywe ngumfowabo yaze yashona ngoba eyisola ngokuqoma, eNgoje, eLouwsburg.
UBuyisile Nkosi (17) washaywa waze wafa ngumfowabo ngoJanuwari 10 nonyaka.
Kuvele ukuthi uBuyisile obefunda uGrade 9, washaywa ngenduku yonogada, washonela khona lapho.
Umfowabo uZimele Nkosi (22), unikwe ibheyili ka-R1 000 ngoMsombuluko (Januwari 18), icala labe selihlehliselwa uFebhuwari 29 nonyaka.
Izolo Isolezwe likhulume nelungu lomndeni elicele ukuba lingadalulwa igama.
Leli lungu lithe isimo sibi emndenini njengoba behlukene phakathi kukhona abajabulela ukudedelwa komsolwa abanye badinwe bathelwa ngamanzi.
“Isimo asisihle impela. Izingane zakwaNkosi ezabona udadewabo ebulawa, zihlulekile ukuhlala nomfowabo njengoba ededelwe. Ngakolunye uhlangothi abazali baseke ukuba adedelwe njengoba kuthiwa uyasebenza futhi uyondla (umsolwa). Lokhu sekwenze umndeni wahlukana phakathi.
“Abanye bafuna amaphoyisa amgcine esitokisini, abanye bakhala ngokuthi bazofa yindlala abakwaNkosi, ngakho kumele aqhubeke asebenzele umndeni wakhe. Sekuyinkombankombane ongayazi nje,” kusho umthombo.
Phambilini elinye ilungu lomndeni laliveze ukuthi bafuna umsolwa anganikezwa ibheyili ngoba bazibona bengaphephile.
Isolezwe lithole ukuthi abazali bengane bathi bacela umphenyi angayiphikisi ibheyili ukuze adedelwe umsolwa.
“Inhliziyo iyaqaqamba. Siwumndeni asihambisani nhlobo nokudedelwa kwalo mfana (umsolwa). Empeleni asiphephile uma ededelwa ngoba ukwazi ukubulala udadewabo. Akangayitholi nhlobo ibheyili futhi sifisa abolele ejele ngesenzo sakhe esimbi. Namanje sisashaqekile yilesi simanga asenzile,” kusho ilungu lomndeni.
Ilungu lomndeni laveza ukuthi okubaxakayo wukuthi le ngane abeyisola ngokuqoma yayikade icelile ukuvakasha kubazali bayo.
“Umufi wayekade ecele kunina ukuvakasha. Wamvumela. Kufike umsolwa evela emsebenzini eMnambithi, lapho ebengunogada khona. Ube esembuza ukuthi uvelaphi, ngaphandle kwempendulo, wavele wamshaya ngenduku.
“Ube eselandelisa ngenduku yonogada okuyiyo amqongqothe ngayo waze washona. Konke lokhu bekwenzeka ezinye izingane zibukela,” kusho ilungu lomndeni.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu abadala babengekho ekhaya, kusele izingane zodwa.
Imizamo yokuthola unina wezingane ezithintekayo kulesi sigameko ayiphumelelanga, ucingo lwakhe beluvaliwe.