UTHEMBISA amanye amacwecwe ashisayo uGatsheni njengoba ehlabane ngendondo ye-Best Newcomer kumaCultural and Creative Industry Awards (Ccia) abebanjelwe eSandton Convention Centre, eGoli ngempelasonto.
Lo mculi wasePhongolo ubesembangweni wendondo nentokazi esencane uTyla, owahlabana ngendondo yeBest African Music Perfomance kumaGrammy Awards ekuqaleni kwalo nyaka.
Lo mcimbi obekungowokuqala, ubuwenziwe uMnyango weZemidlalo amaCiko namaSiko kuzwelonke
UGatsheni othathelwe yimenenja yakhe indondo kulo mcimbi, ekhuluma neSolezwe uthe ujabule ngukuhlomula ngendondo enkulu kangaka nesho lukhulu kuye nasemsebenzini wakhe.
Uphinde watshela leliphephandaba ukuthi baningi abaculi asebenzisana nabo manje.
"Ngisebenzile namaQwabe Twins senza ingoma ethi uMalambane, ngasebenza noBig Zulu senza ingoma ethi Ikhaya Lami, ngaphinde ngasebenza noJaiva Zimnike senza izingoma ezimbili kwi-album yakhe ephume kamuva," kubeka uGatsheni.
Uthe njengoba ephezu kokwenza umculo omusha nje angeke awuqhathanise nowakamuva.
"Ngizosebenza ngokuzikhandla noma ngingezukuqophisana namuntu futhi ngingezubhala umculo ogadla kothile.
Inhloso yami wukwenza umculo ozongena ugxile kubantu ngaphandle kokuwuqhathanisa nalo wakamuva," kuqhuba lo mculi.
Elinye lamaciko elingumlingisi ophinde abe ngumculi uWiseman Mncube, uthe ukuhlonishwa njengamaciko kuyabagqugquzela ukuthi basebenze kanzima.
"Kusinika amandla futhi kuyasigqugquzela ukuthi lento esiyenzayo abantu bayayibona, bayayithakasela imisebenzi esiyenzayo okuzokwenza laba abaqhamuka emva kwethu ukuthi nabo baphakamise amasokisi.
“Kubanika ithemba lokuthi njengoba senza, asenzeli ize kodwa basinika amandla okuthi sizimisele siqhubeke siye phambili," usho kanje.
UNgqongqoshe woMnyango uMnuz uZizi Kodwa uthe kubalulekile ukuthi amaciko abongwe ngomsebenzi omuhle awenzayo.
"Njengomnyango sibone kubalulekile ukuthi sibabonge ngomsebenzi abawenzela izwe.
“Iningi labo eliphesheya kwezilwandle liphakamisa igama laseNingizimu Afrika. Namuhla sihlangene kanti abanye babo abasekho kodwa kubalulekile ukuthi amaciko ahlangane," usho kanje.