UTHAMELE umngcwabo womyeni wakhe ekwi-ambulensi ebipakwe ngaphandle kwehholo lomphakathi eSikhaleni unkosikazi wobenguNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli.
Kube nomunyu nosizi izolo ngesikhathi uNkk Snenhlanhla Ntuli uMaZulu, etheleka nge-ambulensi esuka esibhedlela.
Akaphumanga kwi-ambulensi kodwa ubelandela konke okuqhubeka ngaphakathi enkonzweni ebisehholo ezinkundleni zokuxhumana emakhasini kahulumeni wesifundazwe abeziwusakaza bukhoma.
Isolezwe lihabule ukuthi uNkk Ntuli ubesegunjini labagula kakhulu esibhedlela ngesikhathi umyeni wakhe eshona ngenxa yeCovid-19 ngoMgqibelo.
UNtuli ungcwatshwe emzini wakhe eMabuyeni eSikhaleni.
UNobhala we-ANC KwaZulu Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, okunguye obekhulumela umndeni, uthe uNkk Ntuli wayengene kanye nomyeni wakhe esibhedlela ehaqwe iCovid-19 futhi bese kuphele amasonto amabili ekhona.
Uthe odokotela bathe usengaphuma noma inini esibhedlela.
Uqhube wathi okuphazamise ukukhululwa kukaNkk Ntuli esibhedlela kube ukuthi odokotela baphinde bamhlola ngoLwesithathu ngakho abazi bekumayelana nani futhi basalinde imiphumela yakho.
"Sihlale phansi sabonisana sase siyacela esibhedlela ukuthi simkhulule ukuze athamele umngcwabo womyeni wakhe. Siqashe i-ambulensi yesibhedlela esizimele alethwe ngayo ehholo kodwa akaphumanga kuyona ngoba sivikela wonke umuntu obekhona kanye naye. Akazange asondele nasemathuneni esengcwatshwa uMphemba," kusho UNtuli.
Izikhulumi ebezishintshana zichaze UNtuli njengomholi obenesihe, ekhaliphile, enothando lwabantu, ekhuthele futhi ekwazi ukuhlanganisa abantu.
Umzukulu MaNtuli, uMnuz Khabe Ntuli, uthe umkhulu wakhe ubebanika isikhathi sabo bewumndeni yize ebehlezi ematasa.
"Ubesenzela yonke into futhi eyisibani esihle emndenini. Bekuwumuntu esibukela kuyena esigqugquzela ngaso sonke isikhathi. Kuduma ikhanda njengoba engasekho. Ubefuna sifunde umkhulu, uhambe emhlabeni esezibonile izithelo zalokho ngoba abaningi bethu baneziqu. Ubema nathi ngaso sonke isikhathi futhi engathandi kube nokwenzelela," kusho uKhabe.
Indodakazi kaNtuli, uNkk Mbali Nzuza, ithe ubashiye bebumbene uyise athe ubeqotho.
Usihlalo we-IFP ophinde abe nguSotswebhu wayo esiShayamthetho sesifundazwe, uMnuz Blessed Gwala, ubhonge emswaneni wathi bahambe ukhalo olude noNtuli asebenze kahle naye iminyaka eminingi nakuba bebevela emaqenjini ezepolitiki ehlukene.
UGwala uthe uma i-ANC ne-IFP befuna kube nokuthula nokuzwana, akudlulwe kokudala okwenzeka bese kuqala ikhasi elisha njengoba yena noNtuli benza.
Umngcwabo ubuzinyaziswe nawuNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula, uNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, ubuholi besifundazwe nobe-ANC, uSomlomo esiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce, uMkhuzi wamaPhoyisa eKZN, uLieutenant General Khombinkosi Jula, owayenguNdunankulu uMnuz Willies Mchunu neMeya yaseMhlathuze uMnuz Mduduzi Mhlongo.
UNtuli uhlonishwe uMengameli Cyril Ramaphosa ngomngcwabo osezingenzi likahulumeni wesifundazweni esigabeni sokuqala futhi bekulandelwa imigomo yomvalelandlini esigabeni sesithathu.
UZikalala uthe kusenzima ukwamukela ukuthi UNtuli akasekho emhlabeni. Uthe kufana nephupho sengathi usazovuswa kulona.
UMbalula ubize UNtuli ngeqhawe elilwele umzabalazo wenkululeko yabantu bakuleli.
UNksz Boyce uthe balahlekelwe ngokufa kukaNtuli obekunzima ukumbona noma ecasukile ngoba ubehlezi ezihlekela.
Ucele abantu ukuthi bamhloniphe ngokuthi benze izinto abezenza.