SIMPHIWE NGUBANE
UDUTSHULWE wabulawa phambi komndeni wakhe egunjini lokulala usomatekisi eCornubia, eThekwini, ngoMgqibelo.
Amaphoyisa athi umufi oneminyaka engu-45, ungenelwe ngabasolwa ababili kodwa udutshulwe ngoyedwa wabo ngaphandle kokuvula umlomo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokubulala.
Ulandise wathi usomatekisi ubekade enamanxeba okudutshulwa amathathu ekhanda nelilodwa esiswini.
“Kuthiwa umufi ubekade enetekisi elilodwa elisebenzela KwaNdengezi nelilodwa ebelisebenzela eNanda,” kusho uCol Mbele.
Udalule ukuthi imininingwane eqoqwe ngamaphoyisa endaweni yesehlakalo iveze ukuthi bebebane abasolwa abagasele kulo muzi kodwa babili abangene endlini.
Kuthiwa omunye wabasolwa usale emotweni abebehamba ngayo iBMW 320i emhlophe enezinombolo zaseGauteng. Omunye uphume emotweni wayoma kolunye uhlangothi lomuzi oyisitezi.
“Okwamanje abasolwa kabaziwa. Kutholakale amagobolonde ezinhlamvu amathathu endaweni yesehlakalo,” kusho uCol Mbele.
Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), babizelwe endaweni ngosuku lwesehlakalo sekuyoshaya u-5 ntambama.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe bafike baya esitezi egunjini lokulala lapho umufi ebekade ekhona namadodana akhe amabili nonina wawo ngesikhathi ehlaselwa..
“Abasolwa badubule umufi phambi komndeni wakhe base beyabaleka. Kutholakale amagobolonde ezinhlamvu endaweni yesehlakalo. Okwamanje ayaziwa imbangela yalokhu kubulala,” kusho uBalram.