BEKUNAMASONTO esola ukuthi kukhona abantu abamlandelayo usomabhizinisi ohlaselwe esemotweni, ngenkathi epake eduze kwehhovisi lakhe KwaMashu, ngoLwesihlanu olwedlule.
Kuthiwa uMnuz Derrick Manhique (52), ongumnikazi wamakhaza iGoda Funeral Service, bese kunamasonto amabili esola ukuthi uyalandelwa.
Kubikwa ukuthi usomabhizinisi ubenomunye wabasebenzi bakhe emotweni, ngesikhathi kuqhamuka abesilisa abathathu, becela ukukhuluma naye eceleni.
Laba basolwa abebengabufihlile ubuso, kuthiwa bakhiphe izibhamu bobathathu ngemva kwesikhashana kade bexoxa naye, maqede badubula ngentululwane yezinhlamvu bebhekise kuye.
Owesifazane obenoManlique, kubikwa ukuthi udutshulwe kanye entanyeni, abasolwa badla phansi bashiya abagilwa belimele kanzima. Kuthiwa usomabhizinisi uphangalale endaweni yesigameko kanti umsebenzi ushonele emtholampilo.
Umshana kamufi uNkk Mbali Sibiya, uthe basathukile bonke emndenini ngesigameko esibehlele.
“ Umalume ubesevamise ukutshela umuntu abemfica endlini, ukuthi akaphume ayobheka ukuthi ayikho yini imoto emile ngasemgwaqweni. Yize bebekwenza lokho abebesuke bekhona uma efika, bekuyinto esingayifaki emakhanda ngoba ubengumuntu obekhonze ukudlala. Kuthe uma sithola umbiko ngokudutshulwa kwakhe, kwabuya konke ayesitshela khona,” kulandisa uNkk Sibiya.
Eqhuba uthe, kunzima emndenini njengoba sekusabalele nemibiko yokuthi kusolakala owayengunkosikazi wakhe, abahlukanise naye nyakenye.
“ Akukaze kube nomdonsiswano phakathi kukamalume nomalumekazi ngenkathi bephezu kwezinhlelo zokuhlukanisa umshado. Kuyasimangaza esesikuzwa kukhulunywa, ekubeni ubudlelwano bethu bungakaze budungeke ngenxa yesehlukaniso. Impilo kamalume ayiphazamisekanga nhlobo njengoba ebenomuzi wakhe eHezelmere, unkosikazi wakhe asala emzini ababehlala kuwona bobabili ngaphambilini,” kubeka umshana.
Eqhuba uthe yize begcine bezwa kuthiwa akukabanjwa muntu mayelana nesigameko, babeke wonke amathemba abo emaphoyiseni.
“ Besekuphele amasonto umalume exinwe yisifo senhliziyo futhi besicabanga ukuthi uzothathwa yiso ngoba ubengekho muhle neze. Kuze kwaphoqeleka ukuthi achithe isikhathi esiningi esebenzela ekhaya ( KwaMashu),” kuphetha uNkk Sibiya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal uColonel Thembeka Mbele uthe, “ Kusaphenywa ngokubulawa kowesilisa nowesifazane KwaMashu. Akukaboshwa muntu,” kubeka uCol Mbele.