USENKINGENI umlingisi wethelevishini ophinde abe wusomahlaya ngemuva kokuthi obeyintombi yakhe emmangalele ngokuthi "umthelele" ngeHIV.
Lo wesifazane oneminyaka ewu-20 (esingeke silidalule igama lakhe), owenza unyaka wokugcina ezifundweni zobunjiniyela eMangosuthu University of Technology (MUT), uthi unobufakazi bokuthi lo somahlaya ubezazi ukuthi uneHIV kodwa wangasebenzisa khondomu elala naye.
“Ngaphambi kokuthandana naye, bengihlale ngihlolelwa iHIV ngithola ukuthi anginayo. Kodwa ngemuva kokulala naye ngithole ukuthi senginaleli gciwane. Impilo yami inzima nasesikoleni sengiyafeyila nokwenza ngenza unyaka wokugcina,” kusho le ntokazi ethi ngosuku lokuqala beya ocansini babephuzile. Kodwa yize kunjalo, ithi njengomuntu ozaziyo ukuthi uneHIV kwakumele angalali naye ngaphandle kwejazi lomkhwenyana.
Akugcini lapho, nonina wengane walo somahlaya ohlala esifundazweni iMpumalanga, utshele leli phephandaba ukuthi ngesonto elizayo naye uyovulela lo somahlaya icala ngokumthelela ngeHIV.
Unina wengane uthe wayeyintombi nto ngesikhathi ehlangana nalo somahlaya.
Ebuzwa ukuthi kungani ebengamvuleli lo somahlaya icala lokumsulela, uthi yingoba ubengazi ukuthi kanti umuntu uyakwazi ukummangalela uma ekuthelele ngeHIV.
“Mina wayengishaya futhi engithuka ethi yimi engamthelela ngaleli gciwane.
“Nginazo izinhlamba zakhe engaziqopha abengithuka ngazo.”
Ebuzwa ngalezi zinsolo lo somahlaya wenqabile ukuphuwula ngenxa yokuthi udaba lwakhe nale ntokazi yaseMUT selusenkantolo.
“Ngiyamazi futhi ngike ngathandana naye kodwa sesahlukana. Angazi ufunani kimina manje ngoba sizohlangana naye enkantolo ngo-Agasti 10, lapho ngiyogeqa khona amagula ngalezi zinsolo azibhekise kimina.”
I-United Nations inomhlahlandlela wokuvulela amacala nokuchibiyela umthetho ukubopha abathelela abanye ngeHIV ngabomu. NeSouth African Law Commission iyakweseka lokhu.