UBONGA uMdali umethuli wezinhlelo zakwaSABC1, oke wasakaza isikhathi eside kwiGagasi FM, uKini Shandu osinde ngokulambisa engozini yemoto emehlele ebuya komunye wemicimbi ebiyandulela iVodacom Durban July, ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo methuli wohlelo lwezinkulumo, iDaily Thetha, uthe yize engalimalanga kule ngozi kodwa imoto abehamba ngayo iphelile njengoba bemtshele ukuthi ngeke iphinde ilungiseke.
Uma echaza ngengozi uthe ubephuma endaweni yobumnandi iMagaba Lounge, eHammarsdale, ngesikhathi ingozi imehlela.
“Bengihamba nabangani bami ababili kuyimina oshayelayo. Belikhiza kancane izulu futhi kunemoto esilandelayo ngemuva. Sasola sonke ukuthi sengathi abantu abafuna ukusithathela imoto sakhetha ukuthi sinyuse kancane ijubane,” kusho uKini.
Uthe ngenxa yokuthi abayazi kahle indlela umgwaqo ababehamba ngawo wawuphela kumele bajike ngomunye bona baqhubeka kanti sebengena endaweni eyiwa.
“Imoto yayisejubaneni ngenxa yokwesaba imoto eyayilokhu isilandela kodwa sibonga ukuthi akekho odlulile emhlabeni kulesi sigameko. Abangani bami ababili baqulekile kodwa ekufikeni kwabosizo lokuqala bababheka bagcina beluleme,” kuchaza yena.
Uthe yena akabanga nayo ngisho nemihuzuko kodwa wayethukile.
“Kuyimanje ngiseGoli angibange ngisahlala ngiye emcimbini wamahhashi ngenxa yento engivelele,” kuchaza uKini.