UMMANGALELWA ecaleni lokubulawa kwesitshudeni saseMangosuthu University of Technology uthi isibhamu abulala ngaso lesi sitshudeni kwakungesaso isitshudeni.
UMnuz Thabani Mzolo ubhekene necala lokubulala uNksz Zolile Khumalo isidumbu sakhe esatholwa endaweni ehlala izitshudeni eLonsdale ngoMeyi 1 kulo nyaka. Ummangalelwa waboshwa esendaweni yesigameko, wagcinwa esitokisini njengoba enqatshelwe ibheyili.
Inkantolo isola ukuthi ummangalelzwa wayecasulwe ukwaliwa njengoba kuvela ukuthi ubeke amsabise.
UMzolo uveza ukuthi isibhamu esikamufi futhi phambilini umufi ubeke wamkhomba ngaso.
Ufakazi kuleli cala uNksz Nosipho Bengu noMnuz Simiso Buthelezi abebesendlini ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo, bathi ummangalelwa wakhipha isibhamu wadubula umufi.
Ummangalelwa uyakugcizelela ukuthi wayengahlomile ngesikhathi engena endlini ngalobo busuku, uthi umufi wayehleli esihlalweni isibhamu esibeke phakathi kwamathanga akhe.
Uthe kwakungasikhona okokuqala ebona umufi ephethe isibhamu.
“Ngesikhathi ngibona isibhamu zimbili izinto ezafika emqondweni wami ngaphambi kokuthi kufike ukuthi ngizame ukumphuca sona,” kusho uMzolo.
Uthe ubeseke wambona ephethe isibhamu esifanayo ngesikhathi beseMhlanga emzini kadokotela nomkakhe, okuyilapho ummangalelwa abejwayele ukuvakashela khona obekuthi uma laba bashadikazi bengekho umufi afike amvakashele.
Ummangalelwa uthi ngesikhathi egijima ezilolonga khona eMhlanga, wabona owesifazane owayemi ngasesangweni lomuzi walapho yena owayevakashele khona, wamtshela ukuthi ufuna umsebenzi.
“Ngamtshela ukuthi abanikazi bomuzi abekho ngase ngithi akashiye inombolo ukuze bamthinte uma kwenzeka bedinga isisebenzi sasendlini. Ngesikhathi ngizama ukufaka inamba yalona wesifazane kwiselula, ngabona uZolile (umufi) engikhombe ngesibhamu engisola ngokuthi ngimkhulelisile kodwa ngikhuluma nomuntu wesifazane phambi kwakhe,” kusho uMzolo.
Uthe wagxuma wamphuca isibhamu.
Uthe bese kungokwesibili ngesikhathi ebona umufi efake isithombe sakhe kwiWhatsApp ephethe isibhamu. Ngesikhathi umshushisi * -Advocate Nadira Moosa embuza ukuthi ngesikhathi ehlwitha umufi isibhamu eMhlanga sabe sinazo izinhlamvu? Ummangalelwa uthe sabe singenalutho.
“Ngambuyisela ngoba kwabe kuyisibhamu sakhe. Impilo yabuyela esimeni esejwayelekile emuva kokuthi sesikhulumile ngokwenzekile,” kusho uMzolo.
Uthe akazi noma umufi wayenayo yini imvume yokuphatha isibhamu?
Umshushisi uthe akukho lula ukuthi umuntu abuyisele isibhamu kumuntu obezama ukumdubula.
Icala liyaqhubeka.