NOSIPHO MNGOMA
LUQALE phansi usizi emndenini wowesifazane owasinda esibhicongweni sengozi yeloli eyenzeka ezimpambanweni zomgwaqo uRichmond Road no-M13 ngasemthambekweni iFields Hill, ephinda eshayiswa yimoto washona.
UNksz Cecilia Shabalala (37) kuthiwa ubekade eye esibhedlela ePinetown ngesikhathi kuphaphalaza imoto emgwaqweni u-Anderson yayozithela kuye washona. Ubehamba nozakwabo asebenza naye.
UNksz Shabalala (osesithombeni) wasinda engozini yeloli ngoSepthemba wangonyaka odlule elalishayelwa nguSanele May eyaphelelwa amabhuleki yehla eFields Hill yaze yayozithela ematekisini nasezimotweni ezincane ezazilinde ukuthi kuvule irobhothi. kwashona abantu abangu-24 kodwa yena waba phakathi kwalabo abasinda engozini.
Umfowabo kaNksz Shabalala, uMnuz Themba Shabalala, uthe bengumndeni babone ukuthi yisikhathi lesi sokuthi bakuvumele okwenzekile.
“Kwesinye isikhathi kuyadingeka ukuthi uvele usamukele isimo noma kunzima,” kusho uShabalala.
Ingozi yenzeke ebangeni elingekude kakhulu nakuFields Hill lapho ayesinde khona.
“Ngesikhathi imoto iphaphalaza uCecilia uhlulekile ukuyibalekela ngenxa yokulimala engozini yangonyaka odlule kodwa abehamba nabo basindile ngoba babalekile. Imshayise yayomphonsa elolini ebiliseduzane washona” kuqhuba uShabalala.
UNksz Shabalala ubenengane eyodwa.
Umfowabo uthe ingozi yaseFields Hill yashiya udadewabo elimele kabi emlenzeni kangangokuthi ubefakwe insimbi.
Uthe ngesikhathi embona elele phansi uvele ubonile ukuthi ngeke asinde ngoba ubelimele kabi emlenzeni nasengalweni.
UNksz Shabalala ubesebenza esitolo sezingubo esisePinecrest ngaphambi kokuthi ahlangabezane nengozi yangonyaka odlule.
Umfowabo uthe okumduduzayo wukuthi ukwazile ukuba nodadewabo kwaze kwafika umzuzu wokugcina njengoba eshone besendleleni beya esibhedlela eKing Edward VIII.
Okunye okubuye kwavela wukuthi kule ngozi yaseFields Hill uNksz Shabalala wayengakholwa ukuthi wayekade esinde kuyo ngesikhathi ebona ivideo yakhona.
Okuphinde kwavusa usizi emndenini wukuthi selokhu alimala engozini yangonyaka odlule akaphindanga wakwazi ukubuyela emsebenzini ekubeni umndeni wakhe ububheke yena.
Kumanje umndeni ubhekene nenselelo yokuchazela indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili ngokushona kunanina. ibihlukumezeke kakhulu ngokumbona ehlale elele embhedeni selokhu alimala ngonyaka odlule.