BAKHALA ezimathonsi onogada baseSiphingo ngozakwabo abathi ushaye wachitha noR150 000 westokofela abebesidlala sokuthenga imifaniswano yesikole nezincwadi kwezingane.
Bathe uzakwabo, obengumngcinimafa weWishing Well Stokvel, ubalekile emqashweni wakhe. Emsebenzini kuthiwa wesule ngoDisemba. Izinombolo zakhe ezintathu azisangeni nodadewabo obenenombolo yakhe uthe akamazi selokhu alahleka ngoDisemba.
Omunye unogada oyilungu lesitokofela, uNksz Sebenzani Ngubo, uthe bagilekile ngokubaleka kukazakwabo abasola ukuthi ubalekele eZinqoleni.
Uthe amalungu estokofela abewu-18, amanye awo abedlala kabili. Yena ubelindele ukuthola uR17 000 ngoba ubedlala kabili.
Uthe imali abagcine beyazi wuR150 000 kodwa kungenzeka ukuthi ibisingaphezulu kwalokho.
“NgoDisemba ilungu ngalinye likhokha uR1000 bese sikhokha uR200 ngenyanga. Imali besibolekisa ngayo ezihlotsheni nakwabanye abantu esisebenza nabo. NgoNovemba yonke imali ebikithina siyibuyisele kumgcinimafa senzela ukuthi uma sekuhlukaniswa ayidlulisele kuma-account ethu. Nango-2018 senza njalo, wayifaka emabhange kwakuhle kodwa kulokhu uqale ukungatholakali sekusondele uKhisimusi kodwa sanganaka ngoba besizitshela ukuthi kusengamaholidi. Sethuke ngoba sesifika emqashweni itshe selome inhlama nalapho esebenza khona bamlandula, sangakholwa. Size sakholwa ngoba abagada naye kwenye inkampani bethi wesula ngokuphuthuma,” kusho uNksz Ngubo.
“Sesibukeka njengabantu abadidwe yisikhathi samaholidi sadla imali sakhohlwa wukuthenga izinto ezibalulekile kanti besihlelile kodwa sagilwa wuzakwethu,” kusho uNksz Ngubo.
UCol Thembeka Mbele, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe icala lokukhwabanisa eliphenywa ngamaphoyisa aseSiphingo.