I-ANC ithi usomabhizinisi uMnuz uTokyo Sexwale uphakathi kwezingwevu ezilandiwe ukuze zilekelele emkhankasweni wayo. I-ANC imatasa nomkhankaso wokhetho ngenhloso yokubuyela emandleni iphathe izwe.
Izwe limatasa lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 nonyaka kanti lubhekwe ngabomvu.
USihlalo we-ANC eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe balande uSexwale ngoba ungomunye wabaholi abamethembayo ukuthi angaba nesandla emkhankasweni.
USexwale ubewumholi oqavile kwi-ANC kanti yake yamjuba esikhundleni sokuba wundunankulu waseGauteng.
ULesufi uthe umkhankaso wabo uhlelwe kahle futhi uzoba nezigaba ezehlukene ezizobe ziphethwe abaholi bayo abehlukene abahlonishwayo.
I-ANC ilanda uSexwale nje, kusanda kubonakala owayengumengameli uThabo Mbeki eyikhankasela emuva kwesikhathi eside.
Kuthe kusabukwa uMbeki, kwavela ukuthi noMnuz Kgalema Motlanthe uzoba yingxenye yomkhankaso we-ANC. USexwale kulindeleke ukuthi abonakale ezingxenyeni eziseGauteng lapho ezobe enxenxa khona abavoti ukuthi babuyisele uKhongolose.
ULesufi uthe abantu abaningi bazomangala uma sekuphuma imiphumela yokhetho. I-ANC izithola ingaphansi kwengcindezi yamaqembu aphikisayo ayimise kabi, kubalwa neqembu iMK Party eholwa owayengumengameli uJacob Zuma.