UKUTHUTHA kwenkampani ayesebenza kuyona kwamnika umqondo webhizinisi lokutshala, owesifazane osengumlimi osiza nabanye.
UNkk Ntando Thabethe (42) wasePinetown, eThekwini, usemnkantshubomvu ebhizinisini leHydroponic System, okuyindlela yokutshala ngaphansi kwamathaneli.
UNkk Thabethe ongumsunguli we-Elite Crop, wayengakaze azicabange ekuleli bhizinisi njengoba efundele ubunjiniyela. Yize ethi wayekukhonzile ukupheka, wayengazi ukuthi angaba ngumlimi.
Uthe uqale ukutshala ngonyaka odlule emuva kokuhlala ekhaya izinyanga ezintathu engasebenzi.
Lokhu kwadalwa wukuthi inkampani abeyisebenzela yobunjiniyela, yavele yathuthela eGoli isigubhukane.
“Ngike ngafundela iFood Service Management eNatal Technikon (eyahlanganiswa neML Sultan Technikon manje esiyaziwa ngeDurban University of Technology) kodwa ngayishiya phakathi. Lokhu kwakwenziwa wuthando ebenginalo lokupheka, ngifuna ukwandisa ulwazi. Ngase ngiziqedile izifundo zeChemical Engineering khona eNatal Technikon ngesikhathi ngenza iFood Service Management,” kuchaza uNkk Thabethe.
Uthe okwamyekisa lezi zifundo engaqedile, wukuthi abazali babona sengathi uchitha isikhathi futhi umosha imali. Bamtshela ukuthi akashiye phansi ayofuna umsebenzi wobunjiniyela.
Mayelana ne-Elite Crop, uthe usizana noNksz Zandile Khoza ohlangothini lokuthola uxhaso ebhizinisini. Ngaphandle kokutshala, uNkk Thabethe ufundisa nabanye ukulima, abenzele namathaneli okutshala.
“Ngabona ithuba lebhizinisi ngifika ePinetown ngoba akekho obenelokutshala. Saba nenkinga yokuthi indawo incane kanti besibona ukuthi ibhizinisi lizokhula. Sisanda kuqala nje, isuphamakethe enkulu yathenga izitshalo zethu okwenza saqala ukutshala kumaGreen Houses.”
Uthe bacelwa wuMnyango wezoLimo ukuthi badwebe amathaneli azokwazi ukuthi kutshalwe kuwo ngisho nayilabo abanokukhubazeka. Ukukhombisa ngomsebenzi wakhe uphinde wafaka enye ithaneli khona ePinetown, baqala nabanye bawathenga.
Ugcizelele ukuthi akagcini ngokunikeza ngamathaneli kodwa uyabaqeqesha labo abafuna ukutshala kuwo ukuze bakhule.
Kumanje la mathaneli usewafaka ezindaweni ezahlukene, kuya ngokuthi athengwe kuphi.
UNkk Thabethe uveze ukuthi sebenezindawo ezingu-800 zika-cucumber ezikhiqiza imali enguR59 000 ngenyanga.
Ngenxa yokukhula kwebhizinisi ngokushesha, baphinde bathenga umhlaba eZwelibomvu ukuthi bafake amanye amathaneli okutshala. Zonke izitshalo baziphakela isuphamakethe athe ikhombise ukukholelwa ebhizinisini lakhe zisuka nje.
Kumanje usenza amaFrozen Vegetables nawo adayiswa kule suphamakethe. Kukhona nesobho abazihlanganisele lona ngemifino eyomisiwe.
Leli sobho balikhombise esiShayamthetho ngemuva kokwethulwa kwesabelo mali sezimali soMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal. Kuleli bhizinisi uNkk Thabethe uhlanganyele neMvuzo Engineering.
UNkk Thabethe wazalelwa eShowe wakhulela eClermont.
Uke wasebenza njenge-air hostess ezinkampanini ezimbili zamabhanoyi kuleli ngaphambi kokujoyina inkampani yonjiniyela agcina engumqondisi kuyo.