UTHI uyoyixoxela amagwababa echobana owesilisa waseZimbovini, KwaMaphumulo, othe eyovula ikhawunti ebhange watshelwa ukuthi umazisi wakhe uvaliwe ngoba ukhomba ukuthi ungowokudabuka eZimbabwe ukuleli ngokungemthetho.
UMnuz Philani Zwelithini Mbatha osezinze eChatsworth uthi waqale wangakushaya mkhuba akutshelwe ebhange ngesikhathi ethi uyovula i-akhawunti ngenyanga edlule.
“Bathi umazisi wami uvaliwe, angiye ehhovisi loMnyango wezaseKhaya. Ngaphinde ngaya kwelinye ibhange bangitshela ukuthi kuvela ukuthi ngingowakwelinye izwe ngikuleli ngokungemthetho, angiye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya ngiyobuza khona,” kusho yena.
Uthi emahhovisi alo mnyango aseChatsworth abazange bamchazele lutho bathi akaye kwawaseThekwini, okuyilapho efike watshelwa khona ukuthi ikhompyutha iveza ukuthi ungowaseZimbabwe, ukuleli ngokungemthetho, uma ephikisana nalokho akalethe amaphepha akhomba ukuthi wazalelwa kuleli.
“Iyangimangaza le nto ngoba umazisi ngaqala ukuba nawo ngo-1994, waguga ngase ngishaya omusha ngo-2003.
“Uma kuvotwa ngiyavota, ngigcine ukuvota ngo-2016 angazi ukuthi ngishintshe nini ngaba owaseZimbabwe,” kusho uMbatha.
Uthe nakuba engenawo umsebenzi oqondile ebamba amatoho bekuyisifiso sakhe ukuthi abe ne-akhawunti ukuze akwazi ukubeka imali yakhe.
“Ngiyavota njalo uma kunokhetho, kusho ukuthi kulo nyaka ngeke ngivote ngoba nakhu kuthiwa angiyena owakuleli,” kusho uMbatha.
Isolezwe lithinte aboMnyango wezaseKhaya kodwa ucingo lwabo belukhala lungabanjwa.