NKOSIKHONA CELE
UTHISHA ophinde abe wumelaphi wendabuko, uthi kumele ifundiswe intsha ngokusebenza kwemithi yesintu ukuze lolu lwazi lungashabalali, okanye lugcine luhlanekezelwa.
UMnuz Mfanafuthi Msomi odume ngelikaMkhulu uHlombe, unekhemisi lesintu athi kulona akudayisi nje imithi yesintu, kodwa usabalalisa nolwazi nangezihlahla ezingamakhambi abantu abahlale bewadlula, bengazi ukuthi ayimithi engelapha eziningi izifo.
“Iqiniso wukuthi imithi yasentshonalanga kuba sengathi ingcono kuneyesintu ngoba yona ibhalwa ngesingisi esikhulu, iyahlolwa futhi ikalwe ngendlela ehlelekile. Nathi singakwazi ukukwenza lokhu. Yingakho nokufunda kubalulekile uma uwumelaphi wendabuko,” usho kanje.
UMsomi ungowokuzalwa ePort Shepstone, unguthisha eThulubheke Primary School, eMthwalume. Ikhemisi lakhe i-Indigenous Knowledge liseMgungundlovu.
Ukholwa wukuthi amakhambi esintu awumgogodla wempilo engcono kubantu abansundu.
Izifo ezifana neBP nokunye zingancipha yinqobo nje uma kungaba nezifundo eziqondile kubelaphi bendabuko ngalokhu. Bangancipha nabantu abasebenzisa indlela yesilungu ukwelapha.
Ukugcizelele kakhulu ukubaluleka kokusetshenziswa kwamakhambi esintu wathi kuwumgogodla wempilo engcono kubantu abansundu.
Uthe kungafana nokuthi uxamu ugeje umgodi uma kungase kwenzeke iphutha lokuthi abantu abansundu bagcine sebechizela amakhambi esintu.
Lo melaphi unanesigodlo sokwelapha eSihlonyaneni, eMthwalume.
Ngokusho kwakhe, akukho ukushayisana phakathi kokwelapha abantu nomsebenzi awenzayo wokufundisa.
"Empeleni nje kuyangijabulisa ukuthi ngiyakwazi ukuthi ngiqhube umsebenzi wami wokufundisa ekubeni ngibe ngenza nowokulapha abantu,'' usho kanje.
Eqhuba uthe uma esesikoleni uba matasa nomsebenzi wesikole. Kanjalo uma esenza umsebenzi wokwelapha uba matasa nalokho.
UMsomi ukholwa wukuthi ukuba ngumelaphi wendabuko oyile esikoleni kuyalekelela kakhulu ekutheni kube lula ukuqhuba umsebenzi wokwelapha abantu.
"Iqiniso ukuthi kulesi sikhathi samanje ukufunda yinto ewumgogodla wokuphila kwethu sonke. Yingakho nje nami kungisebenzela kakhulu kulo msebenzi engiwenzayo,'' echaza.
Wenze isibonelo ngokuthi uma ungumelaphi wendabuko kwesinye isikhathi kuba nemithi okumele isikalo singeqi kwesithile, kungenjalo isiguli singafa nokufa.
Uthi kulezo zimo kuba lula ukuthi umelaphi wendabuko asebenze ngoba uyile esikoleni.