MBALI KHANYILE
UBALEKILE endaweni umndeni wowesifazane okutholakale isidumbu sakhe ehlathini laseDrycut Farm, eNewcastle, sinamanxeba okudutshulwa ekhanda nasentanyeni ngasekupheleni kukaDisemba.
Umndeni kamufi uBuhle Xaba (28), okwatholakala isidumbu sakhe ngobusuku anyamalala ngabo, uthi unqume ukuyohlala ekubhaceni ngenxa yezinsongo ozitholayo ngemiyalezo yocingo.
Kuthiwa kwatholakala isidumbu sikaXaba sigcwele igazi nodaka epulazini iDrycut eMadadeni. Bathi wanyamalala eya endaweni yobumnandi iVillage Lounge, eMadadeni, ebusuku ngoDisemba 30.
Ngalolu suku kuthiwa wayenabangani bakhe kodwa wabonakala esehamba nesoka lakhe, okuthiwa lingusomatekisi osatshwayo nabehlala nalo emqashweni.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa athola umbiko ngesidumbu sakhe ngobusuku agcina ukubonakala ngabo, sidindilizile.
Ubabekazi kamufi uNksz Ntombehle Xaba, uthe selokhu kwenzeke isigameko, umndeni nabangani bakamufi abasahlalisekile ngoba basongelwa ngokubulawa ngumuntu abangamazi.
“Ngikhuluma nawe nje, sisekubhaceni ngoba besithola izingcingo esingaziqondi ukuthi ziphuma kubani. Akuselula nokuphendula izinombolo esingazazi ngoba siyazi ukuthi kukhona osilandelayo,” kuzikhalela uNksz Xaba.
Uthe banqume ukuyobhaca ngoba bengawaqondi amaphoyisa aseMadadeni, futhi awakaze akhombise ukulusukumela udaba.
“Umphenyi wecala sekunesikhathi sagcina ukuxhumana naye. Samgcina ngenkathi kuvulwa icala ngoDisemba 31, waba ngumuntu ozosazisa ngokuqhubekayo ngophenyo. Namanje sisalindile. Okubuhlungu ukuthi asisamtholi nasocingweni ngoba luhlezi luvaliwe. Nasesiteshini asimtholi uma sifona,” usho kanje.
Liqhuba linxenxe iziphathimandla ukuba zingenelele kulolu daba ukuze kube nomnyakazo owenzakalayo.
“Sisola nokuthi umuntu ombandakanyeka ekubulaweni kukaBuhle uyathintana namaphoyisa ngoba awasinaki nhlobo uma siwazisa ngezinsongo esizitholayo,” kulandisa uNksz Xaba.
Omunye wesilisa okuvela ukuthi uyisoka likamufi (esiligodlile igama lalo) okubikwa ukuthi wayelivakashele kusukela ngoDisemba 26 kuya kumhlaka 29, litshele iphephandaba ukuthi lathuka loma nasozwaneni ngenkathi libona kubhalwe kuFacebook ngokushona kukaBuhle.
“UBuhle wahamba ngizogubha usuku lokuzalwa ngoDisemba 30 kodwa ngamyeka wagoduka ngoba wayesejahe kubo. Ngize ngazama ukumthinta ngoJanuwari 3, angangamthola. Ngisolile ukuthi kukhona okungahambi kahle njengoba engatholakali,” kuchaza isoka.
Liqhuba lithe, ngemuva kokubona umyalezo ngokushona kukaBuhle kuFacebook, laxhumana nowayenameke isithombe sakhe efuna ukuxhumana nomndeni kamufi.
“Ngiphuthume eMadadeni, ngoMgqibelo odlule, ngifuna ukuyozizwela ngokwenzeke kuBuhle. Bengihlele ukuthi ngiye nasemgcwabeni wakhe ngosuku olulandelayo kodwa angizange ngisakwazi ukuya ngemuva kokuthola umyalezo owawungixwayisa ukuthi ngingabe ngisalubhada,” kubeka isoka.
UMnuz Mhlaba Memela, okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uthe bazolungenelela udaba ngenhloso yokuthi kutholakale umsolwa othinteka ecaleni.
“ Sizojuba ithimba losonhlalakahle elizoniqisekisa ukuthi umndeni uyaluthola usizo lokwelulekwa ngengqondo,” kubeka uMhlaba.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisikisile isigameko sokutholakala kwesidumbu ehlathini.
“Amaphoyisa aseMadadeni aphenya icala lokubulala. Ayikaziwa imbangela yokubulawa kukamufi,” kubeka uCaptain Gwala.