USEPHANJANELWA yikhanda umfundi kaGrade 11 okuthiwa ushayiswe yimoto, iBMW eyayishayelwa obengumlingisi womdlalo owuchungechunge weSABC 1 Uzalo, uNokuthula “Nocxy” Mabika emgwaqweni uDumisani Makhaye ngo-Agasti 23 nonyaka.
Ngesikhathi sengozi, uNocxy owazakhela igama ngokulingisa indawo kaThobile kuZalo, kuthiwa wayehamba ngesivinini esiphezulu nozakwabo, uNelisa Mchunu, odlala indawo kaFikile kulo mdlalo. USanele Maphalala (18) ongumfundi waseNhlakanipho High khona KwaMashu kuthiwa usephenduke umuntu ophila ngokukhubazeka emuva kwale ngozi.
Unina, uNksz Sibongile Maphalala, uthe indodana yakhe ibuye ekhaya ngesonto eledlule emuva kokuhlala isikhathi esibhedlela.
“Ingane yami isiphenduke isidalwa. Inenkebenkebe yengozi ekhanda, elinye iso alisaboni, futhi igodle nengalo eyodwa. Ingqondo yayo ayisasebenzi, ihlale kwikhoma isikhathi eside. Kuvele kuhlengezele izinyembezi uma ngibona abafana abalingana naye njengoba yena esephunduke ingane encane. Impilo yakhe ayisobe iphinde ifane, angazi nokuthi esikoleni uzokwenzenjani,” kusho uNksz Maphalala.
Uthe okumcasulayo wukuthi uNocxy wagcina ekhiphe uR150 awunikeza umngani kaSanele owayehamba naye ngesikhathi sengozi.
“Le ntombazane asikaze sibonane nayo. Kuthiwa yayigijima ngeBMW eluhlaza okwesibhakabhaka ngesikhathi ishayisa uSanele. Ayikaze ixhumane nathi ukubheka ukuthi kuhamba kanjani kumfana wami. Yagcina imphuthumise emtholampilo KwaMashu, nakhona umngani kaSanele wamumisa esethi uyahamba emuva kwengozi. Nakhona kuthiwa emotweni yayo kwakunamabhodlela otshwala okungenzeka ukuthi yayishayela iphuzile,” kusho uNksz Maphalala.
Akafunanga ukwanda kakhulu ngalolu daba, wathi bewumndeni basazohlangana badingide ukuthi bazolusingatha kanjani ngaphambi kokuphawula kwabezindaba.
Ethintwa uNocxy, wenqabile ukuphawula wathi uzothumela izinombolo zocingo zomuntu okumele athintwe ngalolu daba. Wenqabile nokuveza ukuthi lo muntu uhlobene kanjani naye, wathi konke uzokuchaza kumyalezo azowuthumela, agcine engawuthumelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokushayela budedengu.
“Owesilisa washayiswa yimoto emgwaqweni onguthelawayeka uM5 ngo-Agasti 23 ngo-6 ebusuku. Idokodo lecala lisahanjiswe kumshushisi omkhulu ukuze athathe isinqumo ngaleli cala,” kusho uZwane.