USENGENE shi ezikweletini, wazama nokuzibulala uthisha waseDkt Nembula High osekuphele izinyanga ezinhlanu engaholi.
UNksz Lindelwa Ngcobo waseChatsworth osebenza njengetoho waqala ukufundisa kulesi sikole ngo-2014, umholo wakhe ubewuthola zingakapheli izinyanga ezintathu kodwa kulo nyaka akakaze ahole.
Uthe izinto bezihamba kahle ngonyaka odlule yize ebazi ukuthi kunezinyanga ezimbili azozihlala engaholile njalo uma ethole inkontileka entsha. Izinto uthe ziqale ukushintsha kulo nyaka ngesikhathi umnyango wethula uhlelo olusha lokuqashwa kothisha.
“NgoJanuwari kwathiwa kuzomele ngigcwalise amafomu amasha, lawo mafomu kwathiwa ngizothi uma sengiwagcwalisile bese ethunyelwa, ehhovisi, eMbumbulu, asuke lapho aye ehhovisi eliseThekwini okuyilo elizolidlulisela eMgungundlovu,” kusho yena.
Uqhube wathi waboleka imali yokugibela komashonisa abehlukene enzela ukuthi agibele esuka kubo eChartsworth eya e-Adams Mission.
“Ngemuva kwezinyanga ezintathu ngiboleke imali, omashonisa bese beqala ukuyifuna imali yabo. Ngigcine sengiboleka komunye umashonisa ukuze ngikhokhele omunye, kodwa ngingabi nayo imali yokugibela ngoba ngiyakweleta. Ekhaya ngifika omashonisa bengilindiile bezofuna imali yabo.
“Ngakolunye uhlangothi izingane zami nazo angikwazi nokuzithengela isinkwa, kodwa ngiyavuka zonke izinsuku ngiye emsebenzini,” kusho yena.
Emasontweni amabili edlule uthe uhambe nothishanhloko baya ehhovisi lezemfundo eTruro House beyobheka ukuthi ngabe kwenziwa yini ukuthi angaholi.
“Nakhona sibuye silambatha ngoba sitshelwe ukuthi amafomu ami abuyile eMgungundlovu kodwa ayikho incwadi echaza ukuthi yini edinga ukulungiswa. Umsebenzi obesisiza ushayele khona ehhovisi eMgungundlovu sisekhona ebuza ukuthi kumele enzenjani ngalawa mafomu ami, obeshayelwa uthe akazi futhi naye akazi ukuthi abuyisweleni. Uma kushiwo njalo ngivele ngaphelelwa yithemba, ngabona kungcono ukuthi ngiphuze amaphilisi amaningi,” kusho yena.
Njengamanje uNksz Ngcobo ukhoseliswe ngomunye wozakwabo asebenza naye ohlala eduze kwasesikoleni ngoba akanayo imali yokugibela.
Nakule nyanga uthi akanalo ithemba lokuthi uzohola.
UMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe uthishanhloko nguye osuke enolwazi ukuthi ilandelwe yonke yini imigudu ngesikhathi kuqashwa uthisha.
“Uthishanhloko nguye ohambisa amafomu namaphepha adingekayo emahhovisi, uma amafomu ebuyiswa uyatshelwa ukuthi abuyiselweni, uthisha akaxhumane naye bahambe baye ehhovisi lesifunda bazoyithola impendulo,” kusho uKhuzwayo.