ISIFIHLIWE inkakha yomculo kuleli uJohnny Clegg odlule emhlabeni ngoLwesibili ntambama ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza.
Imenenja yakhe abesesebenze nayo iminyaka uRoddy Quin uthe uJohnny Clegg ufihlwe ngoLwesithathu emngcwabeni obuhanjelwe abantu abambalwa abasondelene naye.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi uJohnny Cleg usefihliwe. Ufihlwe umndeni wakhe nabanye abantu abasondelene naye abambalwa, obekuyisifiso sakhe nomndeni wakhe. Sizokwenza isimemezelo ngenkonzo yesikhumbuzo okuzobe kumenywe wonke umuntu kuyo," kusho uQuin ekhuluma nabeSABC.
UQuinn uthe uzokwenza isimemezelo ngemininingwano yenkonzo yesikhumbuzo uma esephothule izingxoxo nomndeni kaJohnny Clegg.
UClegg udlule emhhlabeni ngoLwesibili ntambama ngemuva kweminyaka emihlanu exinwe umdlavuza (pancreatic cancer).
Ngo-2015 wamemezela izindaba zokuthi unesifo somdlavuza naveza ukuthi ngeke avume ukuthathwa yiso, uzolwa naso.
Ngemuva kokuvela kwezindaba, iningi labantu bakuleli libonge lo mculi ngokuthanda izwe lase-Afrika angazalelwanga kulona.
Iningi labamnyama lishayele izandla uJohnny ngokuthanda isiko lesizwe samaZulu njengoba ingoma ebeyibhikla futhi ekhuluma nolimi lwesiZulu ngathi waluncela ebeleni.
UJohnny ukuthanda kwakhe abantu abamnyama wagcine ethiwe igama elithi uMlungu omnyama.
Umengameli Cyril Ramaphosa uthe, kuyadabukisa ukudlula kwezingqalabutho ezimbili ebezisanda kuhlonishwa ngezindondo zeNational Order of Ikhamanga, okunguye uJohnny nomlingisi uNomhle Nkonyeni. “INingizimu Afrika ingelinye lamazwe adume umhlaba wonke nje ngenxa yabantu abafana nalezi zingqalabutho ezimbili.”
Uthe ukudlula kukaJohnny kufana nokuwa komuthi omkhulu kuleli endimeni yomculo.
Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, kubangani kanye nakubalandeli bakhe namaciko asebenze nawo kuleli nasemhlabeni wonke.
Akuyena kuphela uMengameli odlulisele amazwi enduduzo, kodwa osaziwayo abake bahlangana nalo mculi okukhona kubo uLinda Sibiya, Pearl Thusi, Katlego Maboe, Mbongeni Ngema, Sipho Hotstix Mabuse, Yvone Chaka Chaka,Danny K, Nathi Mthethwa nabanye bachaze lo mculi njengomuntu obelungile.