Izindaba

Usedlulile emhlabeni u-Anele Ngcongca

Intatheli YeSolezwe|Published

OBENGUMDLALI weMamelodi Sundowns u-Anele Ngcongca

USEDLULILE emhlabeni umdlali weMamelodi u-Anele Ngcongca. UNgcongco (33) kubikwa ukuthi udlule engozini yemoto eyenzeke KwaZulu-Natal namhlanje ekuseni.

Lo mdlali ushona nje uSuthu neSundowns bebesadna kuvumelana ngokubolekana uNgcongca obeyibamba emuva kwesokudla naphakathi nendawo.

Maphakathi nesizini edlule uNgcongca uvuselele inkontileka yakhe ngonyaka kwiSundowns nombandela wokuyelula.

Emuva kwalokho kuvele izindaba zokuthi usesayine nelinye iqembu laseBelgium kodwa abaphathi bakhe bakuchitha lokho.

UNgcongca udlale imidlalo engaphezulu kuka-300 esigabeni esiphezulu sebhola eBelgium ngaphambi kokubuya kuleli ezodlalela iMamelodi Sundowns ngo-2016. Udlalele iBafana Bafana imidlalo ewu-53.

Ezinkundleni zokuxhumana ingene ilekanyana imiyalezo yenduduzo neyokudabuka ngokudlula kwalo mdlali.