UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ukhale kakhulu ngokushoda kwabasebenzi esifundazweni saseWestern Cape ekubeni kuyiso esinesibalo esikhulu sabantu ababhuqabhuqwa yigciwane leCovid-19.
URamaphosa ubehambele kulesi sifundazwe ngokuzohlola ukuthi sibhekana kanjani nokubhebhetheka kwaleli gciwane.
Uthe ngeke akwamukele ukuthi ukumba eqolo yikho okudala ukuba kube nabasebenzi abancane.
"Imali ayisiyo inkinga futhi ngeke ngikwamukele ukushoda kwabasebenzi njengebhaxa lokubambelela. Kufanele senze konke okusemandleni ukuphephisa izimpilo zabantu," kusho uRamaphosa othembise ukugixabeza lesi sifundazwe ngesamba sikaR20 billion.
"Kumele sibathole abasebenzi, imali ngeke yaba yingxaki, kufanele sibathole. Ngeke sihlulwe yiCovid-19 ngoba singenabo abasebenzi abanele. Umbutho weSANDF izolekelela ngokunikezela ngosizo esifundazweni," kusho uRamaphosa.
Ukhuluma kanjena nje yingoba uhulumeni wakulesi sifundazwe ukhale ngokushodelwa ngabasebenzi emkhakheni wezempilo.
Uhulumeni wakhona uqale wathulela umengameli ukuthi yini wona oyenzayo ukuvimba iCoronavirus. Kuzokhunjulwa ukuthi babalelwa ku27 006 abantu osekubikwe ukuthi bahaqekile kulesi sifundazwe futhi yiso esesithathwa njengesinezidleke.
URamaphosa ukutusile ukuthi ubuholi bakhona benza ngakho konke okusemandleni ukulwa nakesi sifo. UDkt Zweli Mkhize uthe benza ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyehla isibalo sabantu asebehaqekile njengoba esethumele odokotela abawu28 kulesi sifundazwe.
ReplyForward