UMENGAMELI wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, usekhulumile ngokufa kwesakhamuzi saselokishini laseGoli, i-Alexandra, uMnuz Collins Khosa, owadlula emhlabeni emuva kokuhilizisana namalungu ombutho wezokuvikela kuleli iSANDF namaphoyisa ophiko lwaMetro kuMasipala waseGoli, ayejutshelwe ukuqinisekisa ukuthi imithetho kathaqa iyahlonishwa kuleli lokishi.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa umkhankaso we-ANC namadlelandawonye wayo, wokulwa nokubandlululana ngokobuhlanga izolo, uRamaphosa uthe kumphethe kabi ukufa kwabantu ezandleni zabaqaphi bomthetho ngesikhathi sikathaqa.
"Ukufa kukaCollins Khosa nabanye abantu abalishumi, okubikwa ukuthi kwenzeke ngaphansi kwabaqaphi bokugcinwa komthetho ngesikhathi seCovid-19, yinto engiphethe kabi kakkhulu. Ngiyazisola ngoba njengoba kuyithi esethula uthaqa, ngakhuluma kubaqaphi bomthetho bethu futhi ngathi kufanele baye ngothando olusezinhliziyweni zabo futhi akufanele bathathe abantu bakuleli njengezitha".
"Ngebhadi ke ukuphatheka kwami akusasho lutho ngoba abantu bahambile emhlabeni," kusho uRamaphosa.
Uthembise ukuthi ukufa kukaKhosa nabanye abantu bakuleli abayishumi kuzophenywa kabanzi. Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi abathinteka kulezi zehlakalo babhekana ngqo nengalo yomthetho.
Umufi owayeneminyaka engu40 kusolwa ukuthi wakhahlelwa futhi washaywa ngabaqaphi bomthetho abaningana futhi waze wadlula emhlabeni. Amalungu ayisikhombisa eSANDF namaphoyisa ayisithupha ophiko lweMetro ayathinteka kulesi sigameko.
Ofakazi bathi bakuqopha ukuhlaselwa kukaKhosa kodwa baphoqwa ngamasosha namaphoyisa akwaMetro ayesendaweni yesigameko ukuba bakucishe konke abase bekuqophile.
Izolo ekuseni abeSANDF bathe sekufinyelele esiphethweni ngophenyo emuva kokuba olwangaphakathi olwenziwa yibhodi ngokufa kukaKhosa luwakhiphe phambili amasosha kodwa bathi uphenyo ngokubugebengu luyaqhubeka.
Uphiko olubheka ukuziphatha kwabombutho wezokuvikela kuleli iMilitary Ombud lulindeleke ukuba lwenze uphenyo olungaphothulwa emasontweni ayisishiyagalombili, kusho abeSANDF.