ZANELE MSOMI
K USOLWA umkhonyovu wokweba izimali zabantu emabhange ngokusebenzisa iselula emuva kokuba owesifazane waseMachobeni, eNanda eqolwe u-R14 000 kwi-akhawunti yakwaCapitec ngoDisemba.
UNkk Thembisile Mdletshe, owebelwe imali abesanda kuyiboleka kwelinye ibhange efuna ukuqedela ukwakha nezinye izidingo zikaKhisimusi, uphithene ikhanda ngenxa yalobu bugebengu.
Utshele Isolezwe ukuthi ngoDisemba 20 waboleka u-R28 000 kwelinye ibhange wangena kwi-akhawunti yakhe yakwaCapitec.
NgoDisemba 24 wayesele no-R14 000 wazama ukukhipha imali yangavuma ukuphuma.
NgoDisemba 27 waya egatsheni lakwaCapitec eliseBridge City wacela bamenyusele isamba asikhipha ngosuku, wathuka etshelwa ukuthi akusekho mali.
“Angizange ngikholwe ngoba ngangazi ukuthi ngisele no-R14 000. Baze banginikeza isitatimende esiveza ukuthi akunamali kwi-akhawunti yami,” usho kanje.
Ebhange watshelwa ukuthi imali ingene kwi-akhawunti yomunye umuntu oseGoli, yakhona kwaCapitec.
“Intombazane ebingisiza ithe inayo imininingwane yalo muntu kodwa ayivumelekile ukuyidalula,” echaza.
UNkk Mdletshe uthe wabuyela ebhange ayeboleke kulo imali eyobabikela lo mhlola nabo bakuqinisekisa ukuthi imali ingene kwenye i-akhawunti kwenziwa iMobile Banking Transfer, okuyindlela yokusebenzisa iselula.
Emuva kokuthola lolu lwazi, uNkk Mdletshe ukhumbulile ukuthi ngoDisemba 24 kwangena ucingo lozibize ngomsebenzi wakwaCapitec efuna ukuqinisekisa imininingwane yakhe.
Uthe wambuza inombolo yocingo ayisebenzisayo nekheli lalapho ahlala khona nokuthi iyiphi inombolo ajwayele ukuyishayela kwiselula yakhe.
Kwangena i-SMS angayiqondanga kahle ngoba yayibhalwe ngesiNgisi.
Uthe inombolo yakhe yocingo yagcina ukusebenza emuva kokushayelwa ucingo ngoDisemba 24.
Indodakazi yakhe, uNksz Thobile Mdletshe, osebenza enkampanini yamaselula, uthe sebekuqinisekisile ukuthi kwasetshenziswa iselula ukweba imali kanina.
Uveza ukuthi njengoba athola ucingo babefuna imininingwane yakhe ukuze benze i-sim swap bakwazi ukwenza iMobile Banking ngenombolo yakhe.
UNkk Mdletshe wavula icala waya nakwaCapitec ngenhloso yokucela ukubuyiselwa imali kodwa wangasizakala.
“Bangitshele ukuthi ngeke benze lutho ngoba maningi amakhasimende abo aseqolwe ngale ndlela.”
IMenenja yaseCapitec Bank eBridge City, ezibize ngoNonku-luleko, yenqabile ukuphawula yasinika inombolo yamakhasi-mende ukuthi kushayelwe yona.