FANELESIBONGE BENGU
U CASSPER Nyovest, osanda kumenyezelwa njengomunye wabaqokwe eminxeni eyahlukene emiklomelweni ehlanganisa abaculi base-Afrika amaMTV Africa Music Awards, usephide waqokwa kweminye futhi imiklomelo yangaphandle kwakuleli amaBET Awards.
UCassper uqokwe eqoqweni elisha leViewer’s Choice Best New International Artist.
Uqhathwe no-Eddy Kenzo (Uganda), Mz Vee (Ghana), George The Poet (United Kingdom), MIC Lowry (United Kingdom) noNovelist (United Kingdom).
Lo mrepha wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Doc Shebeleza nethi Phuma Kim akusiyena kuphela umculi wakuleli ozoba yingxenye yamaBET Awards azoba seNokia Theatre, eLos Angeles ngoJuni 28.
Kuzobe kukhona i The Soil no-AKA abaqokwe kwiBest International Act: Africa lapho bezobanga khona noFally Ipupa (Congo), Sarkodie (Ghana), Sauti Sol (Kenya), Stonebwoy (Nigeria) noWizkid (Nigeria).
Izolo ekuseni ucingo lukaCassper beluvaliwe kodwa enkundleni yokuxhumana iTwitter ukhombise ukujabula ngokuqokwa.
“Ha! Siqokwe kumaBET???? Kuyajabulisa!!! Njengoba ngihlale ngisho!!! UNkulunkulu muhle!!! Ngaso sonke isikhathi!!!” kubhala uCassper.
Uthe ufuna ukuyinqoba le ndodo.
Uthe uNkulunkulu ulokhu eqhubekile nokumbusisa.
“Sizoyithatha le BET bese sithatha nezindondo zeMTV sigcwalise iThe Dome,” kusho yena.
Unephupho lokugcwalisa ihholo iThe Dome eGoli elimumatha abantu abangu-20 000.
Abalandeli bakaCassper bangamvotela kwi-website ethi www.BET.com/ViewersChoiceIntl nasenkundleni yezokuxhumana i-Instagram ekhasini le @BET_Africa besebenzise i hashtag ethi #ipick.
Ukuvota kuvalwa ngoJuni 27 ngo-1 entathakusa.
n AmaBET Awards azokhonjiswa e-Afrika kuBET (DStv channel 129) nakuBET2 (DStv channel 135) ngoJuni 30 ngo-8.10 ebusuku.