UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal unxuse abantu besifazane ukuthi bayeke ukwesula amacala okuhlukunyezwa abasuke bewavulile uma abathandana nabo sebexolisile.
UNkk Nomagugu Simelane-Zulu ukusho lokhu ngesikhathi evakashele inhlangano esiza abesifazane abahlukumezekile, iThuthuzela Centre, esebenzela esibhedlela iMadadeni nasesiteshini samaphoyisa sakule ndawo ngoLwesibili.
Ubevakashe ngenhloso yokuthola imigudu elandelwa ngowesifazane ohlukunyeziwe uma ebika ngokuhlukumezeka obekuhambisana nokuvalwa komkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Uma uyindoda udlwengula usuke usulahlekelwe ukuzihlonipha njengomuntu. Singabantu kumele sizibuze ukuthi yini eyonakele uma indoda isibona ingane eneminyaka emibili njengomuntu engaya naye ocansini? Uma isibona indodakazi yayo njengentombi okumele iyenayo ocansini? Siwumphakathi kumele sikhuze sibabaze zingawavikeli amadoda enza lokhu ngoba sithi sizokondliwa ngobani?”
Uqhube wathi okunzima kakhulu ukuthi umgilwa afike avule icala lokuthi udlwenguliwe noma ushayiwe kodwa lelo cala lingayi enkantolo ngoba eselisulile.
“Abantu besifazane bayekwenza lokhu, belokhu bevula amacala okuhlunyezwa babuye bawesule bathi sebexolelene nabantu abathandana nabo. Ekugcineni icala alivulwa nguye owesifazane, livulwa ngamaphoyisa eseshonile ebulelwe nguye uphathina wakhe abelokhu emvulela icala abuye alisule athi usexolisile. Ayikho le nto yokuthi uma isoka noma indoda ikuthanda kumele ikushaye. Akekho umuntu onelungelo lokushaya omunye ebudlelwaneni bothando uma ningena kubo kumele nilingane, nixoxe, nibonisane nibuye nabelane ngamandla.”