UZOFIHLWA ngeSonto eGoli umculi we-hip hop uPRO oshone ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokubanjwa yisifo sokudlikiza.
Lokhu kuvezwe ngumfowabo uDJ Citi Lyts othe amalungiselelo ahamba kahle yize izinhliziyo ziqaqamba emndenini.
“Inkonzo yesikhumbuzo izoba seJabulani Amphitheatre, eSoweto ngoLwesine. Inkonzo yomngcwabo nayo izoba sendaweni efanayo ngeSonto,” kusho uCiti Lyts.
ULinda “PRO” Mkhize (37) kuthiwa uphathwe yisifo sokudlikiza evakashele abangani bakhe.
“Kubizwe abezimo eziphuthumayo ukuthi bazosiza. Benze konke okusemandleni ukumvusa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” kusho isitatimende somndeni
Iphephandaba iSunday World libike ngowesifazane othe ubeyishende lalo mrepha. Lona wesifazane uNksz Mandisa Mbanjwa uthe bese kuphele cishe unyaka bethandana futhi uPRO ufele ezandleni zakhe eflethini elisenkabeni yeGoli.
UMbanjwa ucashunwe ethi uPRO bese kunesikhathi egula kodwa efihla. Uthe wamtshela ukuthi unama-ulcer.
UCiti Lyts uthe akukho azokuphawula.
Lo mrepha ohlonishwayo ushiye emhlabeni unina uFikile, uyise uZwelakhe Kheswa, umkakhe * -Ayanda, indodakazi eneminyaka emithathu uNonkanyezi, abafowabo namanye amalungu omndeni.