MBONGISENI BUTHELEZI
EsePitoli
U THEMBISE ukubophela iqembu eliqinile umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane uma ezakhe sezidudulana neBidvest Wits kowe-Absa Premiership eBidvest Stadium, eGauteng ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
ISundowns izoya kulo mdlalo isivele ingompetha beligi kule sizini, okuyisicoco sayo sesikhombisa emlandweni wePremier Soccer League. Isinqobe ngesonto eledlule ngemuva kokuqumba phansi i-University of Pretoria ngo 3-0.
I-Wits iyona ebibanga neSundowns isicoco kodwa yasala endleleni ngemuva kokwehluleka wukuthola amaphuzu agcwele emidlalweni yayo edlule. IZitshudeni sezizoqeda endaweni yesibili ku-log kwazise amaqembu angemuva kwazo ngeke esazifica ngamaphuzu.
“KuWits sizoya neqembu eliqinile, akukho mdlali ozobekwa ngaphandle ngoba sifuna ukunqoba. Yize sesiyinqobile iligi kodwa sifuna ukuthi siqoqe amaphuzu angaphezulu kwangu-65. Lona akusewona umdlalo wamagqubu ngoba iligi sesiyinqobile kodwa angifuni amanye amaqembu abone sengathi mina ngiyawacindezela njengoba ehlezi ngemuva kweWits. Kufanele siphume sisebenze sikhombise ukuthi siyahola ngomsebenzi esiwenzayo. Angiyifuni indaba yokuthi sinqobe indebe bese siyahlulwa ngemuva kwalokho. Asifuni ukuthi sihlulwe iWits. Kuyafana nakuPlatinum Stars nakhona sizolwa,” kusho uMosimane.
IDowns izovala imidlalo yeligi neStars ngoMeyi 21 eLucas Moripe Stadium, nokuwusuku azonikezwa ngalo indebe yayo. ISundowns ingafinyelela emaphuzwini angu-71 uma ingayinqoba yomibili imidlalo esele, okusho ukudlula irekhodi lamaphuzu angu-69 elibekwe yiKaizer Chiefs ngesizini edlule.
UMosimane ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zithele othulini iqembu laseGhana iMedeama SC koweCAF Confederation Cup. ISundowns iwine ngo 3-1 emdlalweni wokuhlungela amaqoqo. Umdlalo womlenze wesibili usekuhambeni emasontweni amabili ezayo.
Izivakashi zilibone kuqala ipali kulo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium, ngegoli lika-Eric Kwakwa alishaye esiwombeni sokuqala.
Ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye ngamandla, noMosimane wenza izinguquko, yathola amagoli eze noLeonardo Castro, Khama Billiat noCuthbert Malajila obesuka ebhentshini.
Ngemuva kwalo mdlalo uMosimane ukhale ngebhola elibhedayo elidlalwe yezakhe esiwombeni sokuqala. Uthe selokhu afika akaze ayibone iSundowns iboza ngaloluya hlobo. IMedeama yiyona ebizenzela kwesokuqala.
“Selokhu ngaqala kuleli qembu, angikaze ngiyibone le nto abebeyenza ngemizuzu engu-45 yokuqala. Kodwa angibagxeki ngoba nabo bangabantu, bebesajabulela ukuwina iligi. Asidlalanga kahle kodwa amagoli siwashayile, kweminye imidlalo besidlala kahle kodwa singawashayi,” kusho uMosimane.
Uthe uyalethemba iqembu lakhe ukuthi lizodlulela kweyamaqoqo, okuyimidlalo ezoqala ngoJuni. Yize ekubalulile ukuthi lokhu kusho isikhathi esincane sokuphumula kodwa uthe uyathemba ukuthi abadlali bakhe bazolikhuphula izinga.