UMENGAMELI we-National Freedom Party (NFP) uphinde wehluleka ukwethula inkulumo ezihlweleni ngesikhathi kunomcimbi wokunikela ngomfaniswano wesikole kwaNongoma, ngempelasonto.
UNkk Zanele Magwaza-Msibi ubeyonikelela abafundi abangu-50 ngomfaniswano nabafelokazi abangu-100 kwaNongoma ngoMgqibelo, ubebhekwe ngabomvu ngabalandeli bakhe nomphakathi ehholo eManqwashu, eDlabe, KwaNongoma.
Umphakathi ubulindele ukuthi ethule inkulumo kodwa akuzange kwenzeke ngoba kuthiwa odokotela bathe akakakulungeli ukuma nokukhuluma isikhathi eside. Esikhundleni sakhe indodakazi yakhe, uNksz Gugu Gumede ifundele umphakathi inkulumo yakhe.
UKaMagwaza Msibi lo mnikelo ubewenza ngaphansi kwenhlangano yakhe engenzi nzuzo iZanele Magwaza Msibi Foundation.
Ngaphambi kokuthi ayifunde inkulumo uNksz Gumede, uKaMagwaza Msibi usukumile wabingelela umphakathi.
NgoNovemba 2014 ngesikhathi evela okokuqala emphakathini wathi uyazama ukuthi ‘ngiyanithanda’ wabambeka wagcina ethe ‘athanda’.
UMnuz Canaan Mdletshe omkhulumelayo uthe isimo sakhe sesingcono kakhulu uma siqhathaniswa nangesikhathi eqala ukuvela emphakathini.
“Kuningi asekwazi ukuzenzela khona, ukukhuluma emphakathini okusenzima ngoba usabuye abambeke kodwa uyakwazi ukuxoxa nomuntu oseduze kwakhe bazwane,” kusho yena.
Uthe kuphele ikota yokugcina eseya ephalamende yize engakhulumi wathi namhlanje uzobe esehhovisi lakhe njengePhini likaNgqongqonshe wezobuChwepheshe nesayensi.
UMnuz Sabelo Sigudu okhulumela iNFP uthe abafuni ukufakela umholi wabo ingcindezi ngokuthi asebenze eqenjini, balinde odokotela.
“Akekho obazi ukuthi uzolulama aze abe kulesi sigaba. Usheshile kunalokho okwakushiwo ngodokotela,” kusho yena.