S’MANGELE ZUMA
USEJAHE ukubuyela kwelakubo owokufika osinde ngokulambisa ehlaselwa yizigebengu eziphonse ibhomu likaphethroli esitolo adayisa kuso kwa-C, eMlaza, ezintatha zangeSonto.
Kulesi sigameko uMnuz Morris Chirwa (32) ushe izinyawo, izandla nezingalo zombili ngemuva kokuphoqeleka ukuthi aziphose emlilweni ukuze agweme ukushela ngaphakathi esitolo. Usesimeni esithembisayo esibhedlela saseMlaza iPrince Mshiyeni.
Ngesikhathi ekhuluma ne Solezwe esembhedeni wasesibhedlela ufunge wagomela ukuthi akasayophinde awubeke umcondo wakhe kuleli uma eseluleme.
“Ngilinde ukuthi ngiphole ukuze ngibuyele ekhaya eMalawi. Angeke ngiphinde ngibuye kuleli lizwe. Ngicishe ngashela phakathi esitolo. Ngikwazile ukuvula isicabha ngoba umlilo ubungakabi mkhulu. Ngivule sebevele bemi emnyango bagulukudela ngaphakathi ngabe sengibaleka.
“Ngizamile ukungqongqozela abakwaMkhize laba abaqashise ngesitolo ngicela ukuthi bangisize. Akekho umuntu ophendulile ngavele ngeqa uthango ngabalekela kwamakhelwane. Ngenhlanhla bangivulelile bakwazi ukungisiza,” kulandisa uChirwa.
Uthe uma eqhubeka nokuhlala kuleli lizwe uzobe ubeka impilo yakhe engcupheni ngoba kungenzeka aphinde ahlaselwe, mhlawumbe angabi nenhlanhla yokusinda.
“Angifuni ukufela kuleli lizwe. Ngingamane ngibuyele ekhaya emndenini wami, yize noma kuzoba nzima ngoba bathembele kumina. Angikwazi ukunikela ngempilo yami.
“Uma sengiphumile esibhedlela ngizoqoqa konke okungokwami ngigoduke. Lezi zigebengu zicasulwe wukuthi ibingekho indlela yokuthi zigqekeze esitolo ngoba uphahla namawindi kufakwe izinsimbi. Angilali ebusuku yizinhlungu, ngilimele kakhulu. Afikile amaphoyisa ukuzongivulisa icala kodwa angiboni ukuthi kuzongisiza ngani ngoba lezi zigebengu kaziboshwa. “Bangilimaze kungakapheli ngisho isonto ngidayisa kuleya ndawo,” kusho uChirwa.
UNksz Nokwazi Mkhize (32) oyindodakazi endala yalo mndeni oqashise ngesitolo, uthe bamanqika ngokuphinde baqashise ngesitolo.
“Sekungokwesithathu kulo nyaka kuhlaselwa abantu abadayisa kulesi sitolo. Sizilethela izigebengu, sisathukile namanje njengoba kucishe kwasha nomuzi wasekhaya. Kungcono ngoba uMorris uyalulama esibhedlela, kusiphathe kabi ukuthi asikwazanga ukumsiza ehlaselwa. Sasisabela impilo yethu,” kusho uNksz Mkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMlaza avule icala lokushiswa kwempahla nelokuzama ukubulala ngemuva kokuthi abalisa abangaziwa beshise isitolo kunowesilisa phakathi.
Uthe: “Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokusha ezama ukuphuma esitolo. Amaphoyisa aphenya imbangela, akukaboshwa muntu ngalokhu.”