MHLENGI SHANGASE
U MVIKELI woMphakathi, u-Adv Thuli Madonsela, uphenya inkohlakalo edla lubi kulabo ababhekele amafa abashonile (master of high court) abazibhubhudlela imali yabasuke beshone bengashiyanga myalelo wokuthi amafa abo azosingathwa ngubani.
U-Adv Madonsela uthi umuntu uma eseshonile kuvele kunikwe noma ngubani ifa kungazange kulandelwe imigudu efanele.
Uthe uNgqongqoshe wezoBulungiswa, uMnuz Jeff Radebe, kumanje wenza uphenyo ePitoli naseMgungundlovu.
“Imali yabantu iyadliwa ngoba kukhona nje elinye icala lapho kwashona khona ubaba, kwasuka indodana yasemshadweni wokuqala yahamba yayofuna imali. Umfelokazi yena uhlezi emakhandleleni ubona nje ngoba esezokhishwa endlini,” kusho uMadonsela.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma enkundleni yokucebisa omama abakhulisa izingane ngabodwana nalabo ababhekene nezinkinga eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwase-Howard College.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu bashiye bezibhalile izincwadi zamafa ukuze kungabikhona ubugebengu osebudla lubi kula mahhovisi.
“Kudliwa imali yabantu ikhwatshaniswe ngoba abantu bengazi lutho. Le nkohlakalo siyayiphenya njengoba noMnyango wezoBulungiswa neSpecial Investigation Unit bamatasa ngophenyo ngalolu daba,” kuqhuba uMadonsela.
Uxwayise abesimame ukuthi kumele bazi ukuthi bangakwazi ukuthola isondlo sabantwana babo noma kungathiwa ubaba wengane akasebenzi.
“Uma abazali bobaba lo osuke ekhulelisile besebenza kahle ningakwazi ukuthi nibayise enkantolo kube yibo abazokhokha isondlo sengane yabo. Abantu abaningi abakwazi lokhu kodwa yinto ekhona,” usho kanje.
Ululeke omama ukuthi akumele babakhulume kabi obaba bezingane uma bengasazwani nabo ngoba lokho kwenza izingane zibabuke ngenye indlela.
“Ningabizi obaba bezingane ngezidakwa, akayikhiphi imali namanye nje amagama ngoba ingane nayo izobuka kanjalo ngoba isuke imthanda umzali wayo. Khuluma kahle ngaye noma kungathiwa uhlupha kangakanani,” usho kanje.
UMengameli weDurban Chamber of Commerce, uNksz Thato Tsautse, uthe ziningi izingqinamba ezibhekene nabesifazane wathi kusadingeka kube nezinkundla zokubaluleka.
Uthe kubalulekile ukuthi uma uzokhulisa ingane yomfana uma ungumama ukuthi ufune usizo kwabanye ngoba kunzima ukukhulisa ingane yomfana.