LOWO obeyiMeya kaMasipala weTheku esanda kuphuma, uMnuz James Nxumalo, uxwayisa ngokuthi umkhandlu uyokhalakathela eweni kulandela ukwehluleka ukuvuselela inkontileka yemenenja, uMnuz Sibusiso Sithole.
“Sibheke eweni, ngeke baze babone kuze kufike imiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021. Usezandleni zabani uMkhandlu waseGoli manje, uphethwe yiqembu eliphikisayo, ngale nto abayenzayo badlulisela uMkhandlu weTheku eqenjini eliphikisayo,” kusho uNxumalo.
IMeya uNkk Zandile Gumede ngoMsombuluko ibhalele uSithole incwadi imtshela ukuthi kumele ahlabe ikhefu eliyisipesheli.
Lesi sinqumo uNkk Gumede usithathe ngaphandle kokuhlala komkhandlu. USithole ushaya phansi ngonyawo uthi akayi ndawo, ume ngokuthi uNkk Gumede akanalo ilungelo lokummisa emsebenzini.
USithole wamenyezelwa eminyakeni emihlanu edlule ukuthi useyiMenenja yoMkhandlu, engena ezicathulweni zikaDkt Mike Sutcliffe.
Ngesikhathi eqashwa wayenconywa kakhulu ngokutakula uMasipala waseMsunduzi owawusengcupheni yokuwa ngenxa yokusetshenziswa budlabha kwezimali zabakhokhi bentela.
UNxumalo uzwakalise ukudumala ngokuthi inkonteka kaSithole ayizange ivuselelwe phezu kokuba enze umsebenzi oncomekayo.
USithole usanda kusiza uMkhandlu weTheku wathola umbiko ohlanzekile kwisabelo-mali esedlule.
UNxumalo uthe uSithole ubelawulwa umthetho.
Uthe bona benoSithole bebehlale befuna izeluleko zomthetho ngaphambi kokuba bathathe izinqumo.
UNxumalo uthe akazi ukuthi kungani uSithole engasafuneki sekusele amasonto amabili kuphele inkontileka yakhe.
“Ngiyahluleka ukuqonda ukuthi kungani abantu behluleka ukusebenza noSithole izinyanga ezinhlanu mina ngisebenze naye iminyaka emihlanu.”
UNxumalo uthe labo abakhipha uSithole bazobona ukuthi benze iphutha ngemuva kwemiphumela yokhetho luka-2021.