UVELILE eNkantolo yeMantshi yaseWeenen umfundisi waseZitendeni, osolwa ngokubulala umkakhe owayekhulelwe nendodana yabo angayizali, kubangwa ukuthi le ndodana ibivakashele uyise oyizalayo ngamaholidi.
UMfundisi Masheke Ndlovu (59) woFakazi bakaJehova, enkantolo kuzwakale ukuthi wathukuthela wagana unwabu ezwa ukuthi uSimphiwe Langa (15) ubevakashele uyise omzalayo.
Kuthiwa waqala ngomkakhe uNkk Fikani Ndlovu wamdubula, walandelisa ngoSimphiwe wamqhulula ngentululwane yezinhlamvu waze waphoseka emlilweni.
Isitatimende sasenkantolo siveza ukuthi uNdlovu wayekubeke kwacaca ukuthi akafuni lo mfana avakashele uyise kodwa yena wagcina ehambile. Kuvele futhi ukuthi uNdlovu wahamba nomkakhe bayolanda uSimphiwe ngoshova kuyise.
Enkantolo kuzwakale ukuthi ngesikhathi uNdlovu ebacoboshisa ngenhlamvu kwakukhona umzukulu wakhe oneminyaka engu-12, okuthiwa wamtshela ukuthi ngeke ambulale yena ngoba uyigazi lakhe.
Kuzwakale nokuthi umsolwa waqeda ukubulala, wabe eseshayela ucingo amaphoyisa ewatshela ukuthi awaphuthume ngoba kwayena uzoziyisa kwaGoqanyawo uma eke athandabuza. Kuthiwa washayela nendodana yakhe endala eyazisa ngalesi sigameko asenzile.
Befika abakwasidlodlo, bamangala uma umsolwa ebatshela ukuthi benze kahle bashesha ngoba ubesezodlulela kumakhelwane wakhe amsola ngokushendeza nomkakhe naye amthele othulini ngenhlamvu. Inkantolo ibigcwele ivale ngomuntu emnyango ngesikhathi kuvele umsolwa.
Abantu bebefuna ukuzozibonela lo mfundisi wezimanga. Inkantolo isichithile isicelo sebheyili salo mlisa, yabeka izizathu zokuthi akaphephile ngaphandle njengoba umphakathi ubhodla umlilo. Umphenyi wecala utshele inkantolo ukuthi abasekhweni lomsolwa bagane unwabu, bafuna ukuzibambela mathupha.
Kuthiwa balibeka ngembaba elokuthi akadedelwe ukuze bamfundise isifundo. Kuthiwa naye umsolwa uke wasabisa ngokuthi angazibulala, okungesinye sezizathu ezibaliwe sokungamdedeli.
Kuthiwa amacala abhekene nawo awokubulala amabili, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Inkantolo iyalele umsolwa ukuba abuyele enkantolo ngoFebhuwari 2. Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe liyajabula ngoba umsolwa wenqatshelwe ibheyili.
Liveze ukuthi umkakhe ufe nje ubesefake ukhonkolo emlenzeni okukhomba ukuthi ubeshaywa.