MINENHLE MKHIZE
U NOZINTI weSuperSport United uRonwen Williams uqede ukuqagela ngekusasa lakhe echitha izindaba zokumataniswa ne-Orlando Pirates.
UWilliams usize iSuperSport yadla umhlanganiso kuNedbank Cup ngempelasonto edlule. Amatsatsantsa A Pitori ashaye eZimnyama ngo 3-2 kowamanqamu weNedbank Cup obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lo nozinti odabuka eGelvandale, ePort Elizabeth, utshele Isolezwe ukuthi uwulungele umbango wejezi kuMatsatsantsa ngesizini ezayo njengoba kuza uReyaad Pieterse obegijima kuKaizer Chiefs.
UWilliams akazange awuqede umdlalo ngempelasonto kwazise uphume eselimele edolweni.
“Ngesizini ezayo ngizobe ngijima lapha kuSuperSport United. Indaba yePirates ayikho ngoba ngiyahlala. Umbango wejezi ngiwulungele ngayo yonke indlela. Ngihlale ngizwa abantu bethi anginawo umbango wejezi lapha kuSuperSport kodwa ngiyethemba ukuthi ngemuva komdlalo wanamuhla (ngoMgqibelo) babonile ukuthi umbango nginawo kulandela ukudlala kahle kuka(Boafela) Pule (ongene umdlalo usuyophela ngemuva kokulimala kukaWilliams). UPule akuyena kuphela ongifakela ingcindezi kodwa noDumsani Msibi ovimbela iqembu lesizwe lika-Under-20 uza kabi,” kusho uWilliams.
Selokhu kwavela indaba kaPieterse lo nozinti waMatsatsantsa ubelokhu emataniswa neBucs efuna ukuqinisa umbango emapalini.
UBrighton Mhlongo nguyena ozitamuzela ngejezi, alibanga noFelipe Ovono wase-Equatorial Guinea noSiyabonga Mpontshane.
“UReyaad uzosenza sibe ngcono njengeqembu. Umbango wejezi yinto engihlale ngiyithakasela ngoba ukwenza uhlale useqophelweni eliphezulu ngaso sonke isikhathi. Umbango uzokwenza sikhule kakhulu. UPule usehlale eqenjini iminyaka emihlanu elwela ijezi futhi namuhla (ngoMgqibelo ) ukhombisile ukuthi usezingeni eliphezulu,” kusho uWilliams.
Ebuzwa ngomlingo ofike noBaxter kuSuperSport uthe: “Ufike nobumbano eqenjini. Akazange ashintshe izinto eziningi. Ulimi esilukhumayo lulodwa ngelokunqoba ngaso sonke isikhathi. Nathi asizange siphoxe ngoba silandela konke akusho. Ngesizini ezayo sizoba yingozi kakhulu.”
UBaxter uthathe izintambo kuGordon Igesund phakathi nesizini. U-Igesund wakhonjwa indlela ngemuva kokuphikwa yimiphumela ekubeni ethengelwe ubisi lwabadlali waphinde wachitha nabanye abaseqophelweni eliphezulu.