PETA LEE
U MA uba nezinselelo empilweni yakho thatha ulwazi oluthola kuzo ulusebenzisele ukwenza impilo yakho ngcono.
Ngamagama anobuhlakani lawa agcizelelwe ngumlimi osemncane uNokubonga Mweli (23) odabuka KwaNyuswa.
Ushiye izethameli zikholwa wukuthi ayikho into ongeke uyenze uma uphokophele ukuyenza, ngesikhathi ekhuluma kwiBiannual Growers’ Symposium ebihlelwe ngabe-Intensive Growers’ Association eCedara Agricultural College, ngaseHowick.
Inkulumo yakhe uNokubongwa, oyilungu leFuture Farmers’ Foundation, ubeyinike isihloko esithi A Villager Fighting to be a Successful Farmer, okungahunyushwa ngokuthi ungumuntu osuka emakhaya ophokophelele ukuba ngumlimi oqavile.
Impumelelo yakhe iyindaba egqugquzela abaningi.
“Ngikhulele KwaNyuswa abazali bami bengenayo ngisho imali yokungithengela umfaniswano wesikole. umakhelwane wanginika iyembe lesikole elidala laseThomas More College. Ibheji lakhona lalinamaqhude amathathu nokwakuthi uma ngiligqokile esikoleni esisemakhaya, izingane zenze ihlaya ngamaqhude. Kepha ngangingakunaki konke lokho esikhundleni sakho ngathatha isinqumo sokuthi ngifunde kabanzi ngezinkukhu nokuba ngumlimi. Ngangazi nokuthi indawo odabuka kuyo akufanele ikuvimbele ekubeni nekusasa eliqhakazile,” kusho le ntokazi.
Ukusebenza kanzima kukaNokubongwa kwaba nezithelo ngesikhathi engena ohlelweni lwase-UKZN eMgungundlovu ngo-2008 iScience Foundation Programme.
Ngemuva kwalokho wathola umfundaze wokuyofunda e-Universidad Earth eseCosta Rica waphothula iziqu zeHonours khona efunda ngolimi iSpanish.
Ngo-2003 waqala ukusebenza eValley Fresh kodwa akuphelanga sikhathi wabe esekhushulelwa esikhundleni sokuba yi-production manager.
Usanda kujoyina iFuture Farmers’ Foundation ukusiza ukuqhubezela izinhlelo zayo.
UNokubonga, okhuluma kucace bha akushoyo, unothando olunzulu ngezolimo.
“Akekho umuntu ongakufezela izifiso zakho futhi akekho ongakulwela kulokho okholelwa yikho ngaphandle kwakho.”
Iminyaka emine ayihlala eCosta Rica uthi akasoze ayikhohlwa empilweni yakhe.
“Kwakuhlale kuqubuka izintabamlilo eduze kwalapho ngangihlala khona, kwakuwumuzwa engingasoze ngawukhohlwa. Kwakunabafundi abaqhamuka emazweni angu-29, kwakuyimina ngedwa oqhamuka ezwenikazi i-Afrika. Kwakungihlekisa nje ukuthi abaningi kubona babecabanga ukuthi nginomgexo ohlotshiswe ngamathambo noma ngifuye ibhubesi.”
Wafunda okuningi eCosta Rica kodwa uthe kwakuyinselelo impela ukufunda ulimi iSpanish.
“Ngangikude nekhaya ngisezweni engangingakaze ngicabange ukuthi ngizoya kulo futhi nemali incane. Kodwa ngangizimisele ngokuthi ngifunde okuningi ngiphumelele. Ngangazi ukuthi bengingeke ngisuke eNingizimu Afrika ngiye khona bese ngingazuzi lutho.”
Nebala waphasa ngamalengiso kepha nezindaba ezimbi zaba khona.
“Umama washona ngingekho kodwa ubaba wagibela indiza weza ezongibona ngithweswa iziqu. Kwangijabulisa kakhulu lokho.”
Uthe isifundo esibalulekile asifunda eCosta Rica ngesokuthi “ukwazi ukucabanga ngokusazokwenzeka ujule futhi usebenzele ikusasa ungagxili nje kuphela ekujaheni ukwenza inzuzo.”
“KwiFuture Farmers’ Foundation sisiza abesifazane namadoda abasebasha ngokubavulela amathuba okuba ngabalimi abazoba nemikhiqizo edayisekayo. Uma bezimisela futhi betshengisa ukuthi bazoqhakaza, sibanika ithuba lokuya kofunda phesheya. Sifuna abantu abasha abazimisele ukuqala emazingeni aphansi bazenzele bona impumelelo yabo. Kumele kube ngabantu abanentshisekelo futhi abaziyo ukuthi baphokophelephi empilweni. Imvamisa eNingizimu Afrika umlimi okwazi ukukhiqiza okudayisekayo ngumuntu oneminyaka engu-63, sidinga ukuvala lelo gebe.”