UNINA wentombazanyana eneminyaka engu-8 ‘eyadlwengulwa’ endaweni yokudla iDros restaurant wazise inkantolo enkulu iNorth Gauteng indlela ashaqeka ngayo ebamba umsolwa ezisula ngephenti lendodakazi yakhe.
NgoMsombuluko uNicholas Ninow (22) uvume icala lokudlwengula, elokutholakala nezidakamizwa nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Uliphikile icala lokushaya unina kamgilwa nabanye abasebenzi baseDros ngesikhathi esebanjiwe kulesi sigameko esenzeka ngoSepthemba 22 nyakenye.
NgoLwesithathu unina wentombazanyana ubengufakazi wesi-8 ecaleni lokudlwengulwa kwendodakazi yakhe. Ufakaze ngemuva kobufakazi obethulwe yindodakazi yakhe enkantolo okuqoshwe ngekhamera. Ijaji elisingethe leli cala uJaji Papi Masopa uvikele le ntombazanyana ngokucela ukuthi baphume bonke abazokwethamela icala ngokunjalo nabezindaba. Ushaye umthetho wokuthi zingashicilelwa izithombe zayo, igama layo nemininingwano yesitatimende esenze ngesikhathi ifakaza enkantolo.
Ngemuva kokuvunyelwa ukuthi zibuye izintatheli, kufakaze unina wentombazanyana ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
Uchazele inkantolo ngemizuzu lapho ezwa khona indodakazi yakhe ikhala icela ukuthi bayisize bayivulele ngesikhathi bethwele kanzima bezama ukuvula umnyango owawukhiywe nguNinow.
“Ngesikhathi siphusha ngangiyizwa ingane yami imemeza ithi ‘Mama, ngisize.’ Sathi sesiqala ukuphusha ngamandla, umuntu owayengaphakathi wathi, ‘nifunani, niyangiphazamisa.”
Uthe bagcine bekwazile ukuphusha isicabha bangena ethoyilethe kodwa washaqeka ebona uNinow ephuma egijima ethoyilethi labesifazane eya kwabesilisa eshaya ngesudi yesele. Uchazele inkantolo ukuthi wamlandela uNinow ukuze atholisisise ukuthi wenzani.
“Ngifika ethoyilethi ngamufica ezisula umphambili wakhe nge-tight nephenti lendodakazi yami. Ngambuza ukuthi kungani elahla ethoyithelethi (flush) izimpahla zendodakazi yami wangangiphendula,” usho kanje.
Uqhube waveza ukuthi isiketi sendodakazi yakhe sasinegazi.