UMPHAKATHI waseClermont, eThekwini, uthi phansi ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane! Uthi phansi nobugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa osekuphenduke insakavukela endaweni.
Abantu babuthelane ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa KwaDabeka, bephethe izingqwembe ezinemibhalo elwa nalesi sihlava.
Kuhanjwe ngezinyawo kusukwa esiteshini kwayiwa enkundleni yezemidlalo ehostela e-KK, lapho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, ethule khona inkulumo yosuku.
UNkk Khoza, ubuholi boMkhandlu iTheku nomphakathi, yibona abebemasha
Eminye yemibhalo ebisezingqwembeni ebeziphethwe ngamalungu omphakathi ibithi:
"Yilwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane!"
"Vikela, hlonipha uphide ubuyise amalungelo abagilwa bodlame!"
"Ungalokothi ufele ngaphakathi!"
"Amadoda oqobo awazihlukumezi izingane!“
Lapha bekushunyayelwa ivangeli lokuthi kuqedwe udlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni nezenzo zobugebengu.