UCELA ukuthi abathandi bomcuo bakuleli baqhubeke nokuthenga i-albhamu yakhe entsha umculi we-Afro pop uMusa osedayise ngaphezulu kwegolide (15 000).
Kuleli sonto lo mculi, oshisa izikhotha ngengoma ethi Mthande ayishaya noRobbie Malinga, uveze ukuthi i-albhamu yakhe ayikhiphe kulo nyaka isidayise ngaphezulu kwegolide, okungamakhophi angu-15 000 ngokolimu lomculo. “Ngiyabonga kakhulu kubo bonke abantu abangesekile ukuze ngizuze lokhu. Ngaphandle kwabo bengingeke ngibe lapha ngikhona manje. Ngithi abaqhubekele phambili nokungeseka size sithole ngaphezulu kweplatinum (30 000).
UMusa uthe ngesikhathi eyikhipha le albhamu wayengazi ukuthi uzodayisa igolide kodwa kwakuyisifiso sakhe ukuthi idayise ubuthaphuthaphu.
“Isetshenziwe yona le albhamu. Kungithathe isikhathi ukuthi ngiyihlanganise futhi namandla esiwafakile makhulu kakhulu nabantu ebengisebenza nabo okuyibhendi nabantu engibhale nabo izingoma.”
IMr Serious yi-albhamu kaMusa yesibili elandela ethi The Dream ayikhipha ngo-2013 ngemuva kokunqoba umncintiswano womculo ama-Idols SA.
“IThe Dream ayiphushekanga kahle. Ngicabanga ukuthi savilapha ukuyiphusha sizitshela ukuthi izinto zizozenzakalela ngoba ngangiphuma kuma-Idols kanti kuMr Serious siwufake wonke umfutho wethu.”
Ngaphandle kokuqhubeka nokudayisa uthe ufuna nokuwola izindondo. Nge albhamu yakhe edlule waqokwa kumaMetro FM Music Awards emunxeni weBest Newcomer kodwa wanganqoba. Uphinde waveza ukuthi basacubungula ukuthi yiyiyiphi ingoma yesibili abazoyiphusha baphinde bayiqophele ne-video. “’Uma sesisikhipha eyesithathu sizozwa kubantu ukuthi bafuna yiphi.” Uthe uzohambela izindawo ezahlukene kuleli ebonga abantu ngokumeseka.