USASHAQEKILE uyise wengane yize sesitholiwe isidumbu sendodana yakhe eneminyaka emibili emuke nomfula iMona, eNdwedwe, ngesikhathi ematasa nokuwasha imoto eduze kwawo.
UMnuz Fika Ngwenya ube nendodana yakhe ngoLwesibili, eyowasha imoto emfulweni ngenxa yokuthi amanzi bebengenawo. Uthi kubuhlungu kakhulu njengoba eshonelwe yindodana yakhe, uyohlezi ezisola ngokufa kwayo.
“Ubephethe i-scrubbing brush engisola ukuthi siphunyukile saphoseka emanzini, wathi uzama ukuyosithatha kanti amanzi ayashesha futhi maningi kakhulu. Akakwazanga ngisho ukumemeza nami, angimbonanga ephoseka,” kusho uNgwenya
Uthe kube ukusithela nje isikhashana, eyothatha indwangu ukuze asule imoto ngoba ubesiqedile ukuyiwasha, wathi uyamqalaza wangabe esambona.
“Ngenkathi ngimbuza ezinganeni ebezibhukuda khona emfuleni, zithe nazo zimgcine emi kanye nami. Sibone i-brush selintanta emanzini,” kusho uNgwenya.
Uthe amaphoyisa ahlulekile ukumthola ngesikhathi. Amalungu omphakathi nezihlobo baqhubeka nokumbheka wagcina etholakala, kodwa ubeseshonile.
Inkampani yonogada ezinze eVerulam, iReaction Unit South Africa (Rusa), iphuthumele endaweni yesehlo emuva kokuthola umbiko komunye wezakhamuzi, obekade ebheka umntwana bengamtholi.
Okhulumela abakwaRusa, uMnuz Prem Berlam, uthe umntwana ubeme endaweni ecuphele ebiseduze kakhulu nomfula, wase eyashelela wawela phakathi emfuleni ngesikhathi uyise ematasa ngokuwasha imoto yakhe, iToyota Fortuner.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa afikile emveni kokuthola umbiko endaweni lapho kumuke khona umntwana eyombheka.
“Umntwana ugcine etholakela kodwa ubeseshonile. Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa eNdwedwe,” kusho uColonel Mbele.
Uthe amalungu omphakathi ayaxwayiswa ukuthi aqaphele uma ehamba nezingane ikakhulukazi ezindaweni ezinamanzi ajulile ngoba kuyingozi.