ZEHLE mi izinyembezi kusaziwayo u-Anele Mdoda ngesikhathi ekhuluma ngomfundi owaphonseka endlini encane yomgodi esikoleni saseMbizana, e-Eastern Cape, uLumka Mkethwa (5) owayefunda uGrade R ekuqaleni konyaka.
U-Anele, oyinxusa leDomestos, ubeyisikhulumi emgubheni wosuku lwezindlu ezincane obelugujwa umhlaba wonke izolo.
Umcimbi ubuwenziwe ngokuhlanganyela noMnyango weMfundo eyisiSekelo ne-Unilever phezu kwenselelo ekhona yezindlu ezincane ezikoleni zaseNingizimu Afrika.
Uqale ngokulandisa akwenzayo uma eye kubo e-Eastern Cape lapho ethe usebenzisa indlu encane engaphandle komuzi ebusuku ukuze azikhulule.
Ube esekhuluma ngenkinga yokushoda kwezindlu ezincane ehlanganisa izikole ezibalelwa ku-3 500 ezinezindlu ezincane zomgodi.
“Kunezingane ezibamba umchamo zingayi ethoyilethi esikoleni ngoba liphihlika uthuvi. Lezi zingane ziphathwa yisifo esihambisana nesinye ngoba zibamba umchamo isikhathi eside,” kusho u-Anele.
Unxuse abantu ukuthi banikele emkhankasweni wokuthi kwakhiwe amathoyilethi ezikoleni kuthi kulezo ezingenawo asezingeni alungiswe kabusha.
“Kumele siqoqe uR1.1 million ukuze silungise izikole. Abantu bangafaka noma yimalini, noma kungathiwa wuR5 uzokwenza umehluko. Ubaba ufake uR10 000, nami ngafaka uR10 000 ukuze sisize umkhankaso,” kusho u-Anele.
Uthe uhulumeni ngeke akwazi ukwenza yedwa umsebenzi wamathoyilethi.
Esezophetha inkulumo yakhe uthe uzoshiya abebehambele umcimbi namagama amabili - Lumka Mkethwa, wase
ekhala.
Uchiphize waze walethelwa ithishu ukuze azisule wathi ibuhlungu into eyenzeka.
“Abantu bathi umndeni kumele ngabe usuxolile. Bangaxola kanjani bafelwa yingane ethoyilethi? Okwenzeka asikho isidingo sokuthi kuphinde kwenzeke,” kusho u-Anele esabibitheka.
Emcimbini obuseMalboro, eGoli, kuqoqwe uR800 000 wokusiza kulungiswe amthoyilethi.