KWESINYE isikhathi kunzima ukuba ngumthengi ongasazi isiNgisi eNingizimu Afrika. Lokhu ngikusho ngoba ngike ngabhala udaba uSolwazi Bonke Dumisa ekhala ngokuthi bayingcosana abathengi baKwaZulu-Natal abazifaka izikhalo kwi-National Consumer Comission, okuyinhlangano exazulula izinkinga zabathengi nakwi-National Consumer Tribunal okuyiyona ekhipha isinqumo esingumnqamulajuqu uma abathengi sebehambe yonke iminyango bengasizakali.
USolwazi Dumisa osebenza kwiNational Consumer Tribunal, uveze ukuthi izikhalo eziningi bazithola eWestern Cape, kulandele iGauteng bese kuba yiKZN nakwezinye izifundazwe.
Uthe akusikhona ukuthi abantu baseKZN abathengi noma abahlangabezani nezinkinga kodwa nje ukuthi abakhali ezinhlakeni ezifanele.
Ngiye ngahlala phansi ngajula ngokuthi kungani abantu baseKZN begcina ngokuxoxa ukuthi baphatheke kabi endaweni ethile.
Ngithole ukuthi abanye bavinjwa wukuthi ezindaweni eziningi kukhalwa ngesiNgisi, abanye bayanqena ukubhala.
Ngibe sengibheka udaba lukaMnuz Mongezi Bolofo owacela abakwaWoolworths ukuthi bamthumelele isitatimende sakhe ngesiZulu.
Kuthathe izinyanga eziningi ukuthi uBolofo athole isitatimende sakhe esibhalwe ngesiZulu kodwa ngoba uyindoda ephokophelayo wenze isiqiniseko sokuthi uyihamba yonke imigudu efanele.
Engikushoyo wukuthi ezindaweni eziningi kusetshenziswa isiNgisi, ngisho izinkontileka esizisayinayo uma sithenga zibhalwa ngaso (isiNgisi).
Khumbula yilungelo lakho njengomthengi ukucela inkontileka ebhalwe ngolimi oluqonda kahle, uma kuyisiZulu cela bakubhalele ngaso.
Ngisho bekufonela unelungelo lokucela umuntu okhuluma ulimi lwakho ungazitholi usuvuma yonke into ube ungezwa kahle.
ENingizimu Afrika sinezilimi ezingu-11 ezisemthethweni.
Kule ngosi sizokhuluma ngezinkinga enihlangabezana nazo njengabathengi ezitolo, komasingcwabisane, emabhange, ezinkampanini zemishwalense, emsebenzini uma nikhulelwe senidinga i-Unemployment Insurance Fund (UIF) nokunye okuningi.
Kwesinye isikhathi umthengi uzothola esehlukumezeka ngoba engayifundanga inkontileka ayisayina uma ethenga. Kubalulekile ukufunda izinkontileka.
Uthola ukuthi umuntu obeyilungu likamasingcwabisane iminyaka engu-35 ekhokha * -R100 njalo ngenyanga, kuthi uma eseshonile umndeni unikwe * -R12 000 kuthiwe yiwona ozotholwa ngumufi.
Uma ungabala * -R100 uwuphindaphinde ngeminyaka engu-35 uzobona ukuthi umufi ubefanelwe wukuthola * -R42 000 kodwa ngenxa yokuthi ngesikhathi ejoyina inkontileka yayithi uzothola * -R12 000, imali ihlala injalo, kayinyuki noma angakhokha isikhathi eside.
Kuthi noma umndeni usukhala usho ukuthi izindleko zandile manje utshelwe ukuthi mawubheke inkontileka eyasayinwa ngumufi.
Ngaphandle kwemali etholwa ngumufi uma eseshonile omasingcwabisane babuye bawuphathe kabi umndeni uthole ukuthi ubusampintshekile ungakwazi ukukhokha izinyanga ezintathu zilandelana, ngokwenkontileka kuvele kuthiwe ngeke kukhokhwe usuphelile umasingcwabisane.
Ngisho kungathiwa ubuyilungu likamasingcwa-bisane iminyaka engu-12 kodwa uma ungakhokhanga izinyanga ezintathu zilandelana usenkingeni.
Abanye omasingcwabisane bathi kufanele usho uma usenkingeni ukuze uma kuvela isifo imali ingakhokhiwe kwazeke ukuthi umuntu ubesampintshekile.
Ngizoluthinta nalolu daba lokuthi uma ungakhokhi kahle kumasingcwabisane kwenzekani futhi kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi igama lakho libuyele kulawo abantu abakhokhelwayo uma bevelelwa yisifo.
Muva nje ngizwe kuthiwa abanye omasingcwabisane abakhokhi uma ilungu lizibulele noma lishaywe ngabantu laze lashona, mhlawumbe nje sithi beliyisigebengu.
Ngizokhuluma nezinkampani ezihlukahlukene ukuze nichazeleke kahle ngakho konke lokhu.
Ngingakhuluma kushone ilanga ngezinkinga zomasingcwabisane kodwa okwamanje ngicela nazi ukuthi uma umthengi enenkinga zikhona izindawo zosizo lwamahhala.
Kukhona umxazululi wezinkinga zomshwalense i-Ombud for Long Term Insurance osizana mahhala.
Ngaphambi kokudlulisela izinkinga kuyena kufanele uthinte inkampani okhala ngayo bese kuthi uma unganeme ngesinqumo sayo udaba lwakho uludlulisele kumxazululi, ungamfonela ku-021 657 5000, uyakwazi ukufunda izinhlelo zakhona ngesiNgisi, isiBhunu, isiSotho, isiXhosa nangesiZulu.
Ungathumela i-e-mail [email protected] noma ubathumelele isikhalo sakho ekhelini elithi: Third Floor, Sunclare Building, 21 Dreyer Street, Claremont, Cape Town, 7700
I-National Consumer Commission itholakala ku-Building C - South African Bureau of Standards Campus,1 Dr. Lategan Road, Groenkloof, Pretoria, 0027.
Ufonela ku- 012 428 7000 uma udinga abeNational Consumer Commission.
I-National Consumer Tribunal itholakala ku-012 683 8140 / 012 742 99, ungathumela i-e-mail [email protected]
Ungababhalela ekhelini elithi Private Bag X110, Centurion, 0046
Uyakwazi nokuziyela mathuba emahhovisi abo ase-Block B, Lakefield Office Park, 272 West Avenue, c/o West and Lenchen North, Centurion. Izikhalo zithunyelwa [email protected]