IMIPHUMELA esiyitholayo empilweni incike kakhulu ekutheni sithatha ziphi izinqumo. Kuqala ngesikufisayo bese kuba ukusebenza kwethu ukufeza lezo zifiso. Khona kunjalo akulula ukwenza izinqumo ezifanele kanti futhi akulula ukulandelela lokho esikunqumile.
Njengoba isimo sempilo siguquguquka sizithola sinengcindezi yokushintsha izinqumo zethu. Lokhu kuba yinkinga kakhulu uma sithatha izinqumo ngemali. Kuba nzima ukugxila kulokho ofuna ukukufeza uma isimo sishintsha okungenza ushintshe indlela osebenzisa ngayo imali. Pho senze njani uma singakwazi ukuzigwema izimo ezinjalo? Yilapho-ke uhlelo olufana nebhajethi lubaluleke khona.
Abeluleki bezezimali bayakugcizelela ukubaluleka kokuba nemali oyibekele ukubhekana nezimo eziphuthumayo.
Kungaba ukuthatha umshwalense ukulungiselela izimo ezifana nokufa, ukugula noma ukulahleka kwempahla. Kodwa zikhona ezinye izimo esingakwazi ukuzikhava ngomshwalense ezidinga sibe nokheshi uma zivela. Ngaphandle kohlelo lokubhekana nezimo ezifana nalezi uzithola usuphazamisa izinqumo ozithathile ngokwakha umnotho. Kubi kakhulu uma usuphoqeleka ukuthi uboleke imali ezalayo. Ukuthatha izinqumo ezinqala ngomnotho kudinga sibe nolwazi olwanele noma ukwelulekwa esikuthembayo. Sikhuthaza ukuthi uma utshala imali ungafaki endaweni eyodwa kodwa uyisabalalise ezindaweni nasezinhlelweni ezihlukene.
Sigcizelele nokuthi utshale izikhathi ezihlukene, kube khona okwesikhathi esifushane nokunye okwenzelwe isikhathi eside. Siluleka nokuthi uzixube izinhlelo kube khona lapho okwaziyo ukuthola imali ngokushesha ukwenzela izimo eziphuthumayo. Yazi ukuthi indlela yokwakha umnotho inamaginxiginxi afaka ukulahleka kwemali ngesinye isikhathi. Akuwona-ke umqondo omuhle ukufaka imali endaweni eyodwa ngethemba lokuthi izokhula noma kanjani. Isimo somnotho siyaguquguka okwenza singabi bikho isiqiniseko sokuthi izinto zizohamba kahle ngesikhathi esithile. Okuhle ukuthi ucwaningo lubonisa ukuthi imali iyakhula uma itshalwe isikhathi eside. Lapha sikhuluma ngesikhathi esingaba iminyaka eyishumi kuya phezulu.
Kuyacaca ukuthi ziningi izinto okufanele uzibheke uma unquma ukukhulisa umnotho. Igxathu lokuqala ukuzibekela umgomo wokwakha umnotho nezigaba zokufikelela eqophelweni olihlosile. Konke lokhu ukwenza nje unawo umqondo wokuthi kuzofanele ubhekane nezimo eziphuthumayo kanti unalo uhlelo lwazo.
Kusemqoka nokwakha ubudlelwane obuhle nemali. Lokhu ukwenza ngokuzifundisa imikhuba emihle yokuphatha imali. Kuqala ngokushintsha indlela ocabanga ngayo ngemali.
Iningi lethu likhule lazi ukuthi imali yinto yokuthenga kungekho lutho oluphatha ukuthi uyakwazi ukwenza imali ngemali. Uma sishintsha umqondo sibuka imali ngeso lokukhanda umnotho ngayo, sizibeka ethubeni elihle kakhulu. Le ndlela yokucabanga yenza singaphuthumi ukuthenga kepha sicabange ukuthi singayikhulisa kanjani. Eminye yemikhuba emihle ongayenanela ukuthi ungathengi lutho ngemali ngosuku efike ngalo.
Uma kungena iholo ebhange uyalinda okungenani usuku ngaphambi kokuthi uthenge noma ukhiphe imali. Lokhu kukunika ithuba lokucabanga ngezinto ezibalulekile okumele uzenze. Cela ibhange libambe imali ethile liyifake esikhwameni sokonga uma uhola.
Nokwengqondo le mali ebanjwayo akuyona eyakho ukuthi uyisebenzise okwenza ubuyekeze ukuchitha kwakho imali ilingane nale oyitholayo.
Ukuzijwayeza ukuthi imali awunayo ngisho ikhona kwenza ukuthi ungayichithi noma kanjani.
Kuyasiza nokuqaphela ukuthi iziphi izimo ezenza ukuthi sichithe imali ngaphandle kwebhajethi esihlelile. Baningi abangena ogibeni lokuchitha imali ngoba befuna ukubukwa noma ukuhlabekisa izimbangi zabo.
Ubudlelwane obuhle nemali bukusiza ukuthi ungalandeli iningi kepha wenze izinqumo ezikubeka emathubeni amahle kwezomnotho. Labo abazi kahle ngemali abanandaba nokuthenga izinto kunalokho baneqholo ngemali abayitshalile futhi bazizwa benamandla okumelana nanoma yisiphi isimo.
Yize singephike ukuthi inhlanhla ibalulekile empumelelweni kodwa kufanele kucace ukuthi izinqumo esizithathayo zinomthelela emnothweni wethu. Uma sithatha izinqumo eziphusile kuhambisane nenhlanhla sizibona senza kahle kakhulu.
Kuze kuthiwe inhlanhla uyazakhela ngokusebenza ngokuzikhandla nokuthatha izinqumo ezikubeka emathubeni. Asikwazi-ke ukuhlala silinde inhlanhla, kufanele sizibekele imigomo yomnotho sithathe izinqumo ezizokwenza iphumelele.
Ngokubuka imali ngeso lokunotha sitshala umqondo wokuthi sigxile ekukhuleni kwemali hhayi ukuyichitha.
- Sikhula ngoMnotho