NKOSIKHONA CELE
AVUTHA engabaselwe amalungu eBandla laseZayoni, eNseleni, uKukhanya Kwezwe athi awafuni ukuphinde ambone umholi walo, amsola ngokuthi ubanjwe oqotsheni ezitika ngocansi endlini yesonto.
UMbhishobhi Zwelibanzi Mtimande (59) oshadelwe, usolwa ngamalungu aleli bandla ngokuthi ngesonto eledlule ubhadanywe amalunga amane aleli bandla, ezitika ngocansi nowesifazane ohlala eduze kwesakhiwo sebandla.
Lamalunga amane kuthiwa abezokwenza umsebenzi wokuhlanza indlu yesonto njengenjwayelo, azithela phezu kukamholi walo ezitika ngocansi nowesifazane okuthiwa uwumakhelwane wendlu yebandla.
Ilungu lebandla elikhulume naleli phephandaba, lifunge lagomela lathi buzochitheka bugayiwe kuleli sonto uma kuya ngokuthi uMtimande uzofika ezobakhonzisa.
Elinye lithe kuzoba nzima nokumbuka ngoba lesiya sithombe abazithele phezu kwaso, sizohlale sikhona.
"Angeke thina sishunyayezwe yisikhohlakali. Hheyi waze wangcola nangu umuntu. Uyazi ukuthi usiphoxile ngendlela nje ebesimethemba ngayo lapha ebandleni. Konke lokho manje sekumane kwashabalala nje,'' usho kanje.
Kuthiwa intokazi abanjwe nayo, okuthiwa isencane, ayizange ikhombise kuhlazeka yize bese kungene namalunga ebandla.
“Uvele wathi thina siyaphi ngalesiya sikhathi esontweni ngoba kunezikhathi ezibekiwe zokuthi sizohlanza indlu yesonto,” kusho omunye wabazibonele ngawakhe.
Kuvela ukuthi uMtimande uyindoda ehlonishwayo ebandleni nasendaweni uqobo. Unkosikazi wakhe kuthiwa selokhu kuvele leli hlazo, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo njengoba evele wahamba nasekhaya.
Omunye kulaba abazibonele uthe uMtimande uzamile ukubavala umlomo ngemali kodwa banqaba. “Besizoba nelikhulu iphutha ukuvuma ukuthula namanyala, nokwenza enzeke endlini yebandla,” usho kanje.
Lo wesifazane walile obelokhu ebabaze uhlobo locansi abebelwenza, uthe akafuni nokuluchaza ephaphandabeni kodwa akubonile uyokuxoxela amagwababa echobana.
Ethintwa uMtimande, akaphikanga ukuthi ubesendlini yokukhonza nalo wesifazane, kodwa uthe abambonile mhlawumbe badidwe wukuthi owesifazane ubengagqokile kwesingenhla, esele ngobhodisi.
Uthe kodwa yena ubemthandazela. Ukhale ngezimpi zangaphakathi ebandleni, wathi kukhona abanye abaholi abamkhandela uzungu ngoba befuna ukuhola ibandla.
Uqhubeke ngokuthi uNkulunkulu oyomphendulela njengoba ebhecwa ngobende inyama engayidlanga nje.
"Nabo labo abathi bangibambile bayazi ukuthi owesifazane ubeguqile mina ngimile ngikhuleka. Kodwa uma sebekhetha ukuthi bangibukanise nomhlaba ngokungiqambela amanga kulungile. Owami uNkulunkulu uyashesha ukuphendula,'' usho kanje.
Kuvela ukuthi ngaphakathi ebandleni sekuqubuke omkhulu umsindo njengoba kukhona abathi akaxolelwe uMtimande ngakwenzile. Abanye kuthiwa bashaya phansi ngonyawo bathi inkomo ingazala umuntu.
UMfu Ntokozo Makhathini ongunobhala webandla ukhombise ukungathandi ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ethintwa. Ubelokhu ethi akazi ukuthi intatheli ikhuluma ngani.