CELANI SIKHAKHANE
S EKUQUBUKE umsindo kuMasipala weTheku ngesinqumo somkhandlu wamakhansela sokuba kukhokhwe u-R1.8 million enkampanini iDKS Holding, eyayiqashelwe ukwakha izindlu ehostela laseMlazi iGlebelands ngo-2005 yagcina ihlulwe umsebenzi yayekiswa.
Lokhu kucasule amakhansela eDA abesola i-ANC ngokushaya ingwiji lolu daba ekubeni emhlanganweni wesigungu esilawula umkhandlu ibithe izokuhoxisa ukukhokhwa kwale mali ngenxa yobufakazi obebukhomba ukuthi le mali eyifunayo yayingakhishwanga yiyo.
Ngakolunye uhlangothi izikhulu zomshwalense weDKS Holding, iConstantia, owakhokha u-R1.8 million, ziyavutha zifuna le mali ibuyiselwe kuzona, udaba sezilufake kubameli ukuba balulungise.
Ngo-2005 iDKS Holding ephethwe nguMnuz Mandla Khumalo, yanikezwa ithenda ka-
R18.2 million ukuze yakhe kabusha iGlebelands.
Ngo-2008 abaphenyi bomkhandlu bathola ukuthi umsebenzi ayiwenzile ngendlela, yaphucwa wona kwaqashwa iMochu JV Civils.
Umasipala kuthiwa waqhubeka wakhokha kule nkampani yize abeluleki base bexwayise ngokuthi umsebenzi awuhambanga kahle. Konke lokhu kuvela embikweni wesigungu esilawula umasipala. Uqhuba uthi ngemuva kwalokho kwaphoqeleka ukuthi iDKS ikhokhe u-R1.8 million ngomshwalense wayo iConstantia, owawumele ukuthi uma konakala kube yiwo okhokhayo kumasipala.
Enye imali okumele ikhokhwe wumkhandlu nguR800 000 wezinye izindleko, okwenza ukuba iDKS Holding ithole u-R2.4 million.
Ngemuva kwalokho inkampani igcine isicela ukuba ikhokhelwe le mali eyayikhishwe umshwalense wayo okuyinto ecasule iDA yathi akukwazi ukuthi imali inganikwa iDKS Holding ekubeni yakhokhwa wumshwalense iConstantia.
Umholi wekhokhasi yeDA kuMasipala weTheku uMnuz Zwakele Mncwango uthe bahlela ukuya enkantolo bavimbe le nkokhelo ngoba abakholwa ukuthi kukhona ubulungiswa obenziwe.
“Okunye okusicasulayo wukuthi i-ANC emkhandlwini iqale yasitshela ukuthi kumele ikhokhelwe le nkampani ngoba imininingwane eyayihambisana nokukhokha komshwalense seyalahleka futhi abantu ababebhekene nalolu daba abasekho emkhandlwini. Ngibe sengithola ubufakazi obuqinile bokuthi le nkampani akuyona eyakhipha u-R1.2 million njengenhlawulo yokuhlulwa umsebenzi kodwa umshwalense wayo iConstantia okumele ukhokhelwe uma umkhandlu unesidingo sokubuyisela le mali emuva. Sizoya enkantolo ukuze umkhandlu ungayikhiphi le mali. Mina nginabo bonke ubufakazi obushoyo ukuthi le mali yakhokhwa ubani kodwa akusiyona IDKS Holding asebefuna ukuyinikeza imali,” kusho uMncwango.
USomlomo weTheku uMnuz Logie Naidoo uthe sekuphele iminyaka eyisishiya-galombili lolu daba lwenzeka kanti bayamangala ukuthi uMncwango uyithathephi ismininingwane ethinta lona.
“Indaba yeDA ngeke siyingene ngoba inezinhloso zayo futhi isetshenziswa yizinkontileka ezingazange ziwuthole umsebenzi. Ngaphandle kwalokho sivumelene emkhandlwini ukuthi siyikhokhe le mali kodwa sizokwenza nophenyo ngezinye izinto,” kusho uNaidoo.
Imizamo yokuthola iConstantia neDKS Holding igcine ingaphumelelanga izolo.